Ilanga News
Home 9 Featured 9 URamaphosa uthe uDkt Mlambo-Ngcuka wayenamandla kodwa engazikhukhumezi

URamaphosa uthe uDkt Mlambo-Ngcuka wayenamandla kodwa engazikhukhumezi

by | 28 November 2026

UMENGAMELI wezwe uMnu Cyril Ramaphosa uchaze, uDkt Phumzile Mlambo-Ngcuka njengowesifazane owayenamandla adlulele kodwa engaziphakamisile.

Umengameli ubethula inkulumo enkonzweni yomngcwabo kaDkt Mlambo-Ngcuka obengcwatshwa namuhla eXesi, e-Eastern Cape. Uthe ubehlala ezithobile futhi engakhombisi kuthuka ngaso sonke isikhathi . Uthe akekho owayengabaza ubuhle abenzela abantu bakulelizwe ngendlela ayezinikele ngayo emsebenzini wakhe.

“Impilo yakhe uyichithe evula iminyango ebivalekile kwabesifazane nabantu abamnyama baseNingizimu Afrika. Waba ngowokuqala omnyama ukuba yinhloko kwi-UN Women. Ukumbongela kwethu akungenxa yesikhundla ayekusona kodwa ukuthuthukisa impilo yabantu uma esethole lelo thuba. Uma kuvuleka umnyango ubedonsa abanye bathole amathuba angcono. Simncoma ngemisebenzi yakhe. Wayekusho engasabi ukuthi uma unamandla kumele uwasebenzise,” esho.

Uthe umnyango wezokumbiwa ayewuphethe esengungqongqoshe wawusebenzisa ukulwela abantu abamnyama njengoba wawusingethwe yidlanzana labamhlophe elalizithuthukisa lodwa ngawo.  Uthe ukungena kulo mnyango kwenza wabona izinto ngenye indlela njengoba ayekhala ngokuthi izwe limekhiqizo eminingi ephethe umnotho kodwa abantu abahlala kulona bayahlupheka. Uthe kwakuseqhulwini ukuthi akushintshe konke lokho.

Ukusebenzela kwakhe abantu ngokuzimisela nokubathuthukisa uthe yikhona okwenze izwe  liphile kwintando yeningi. Uveze ukuthi bonke abasebenze naye babehambisana naye kukhona konke ngoba ubehlala ephokophele phambili.

Ubuholi uthe yinto eyayisegazini kuyena ebizelwe kukhona.

UDkt Mlambo-Ngcuka ushone ngoLwesihlanu olwedlule eseneminyaka engu-71. Udabuka eClermont kwaZulu-Natal kodwa waganela e-Eastern Cape.

tndlovu@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UMbeki ukhwele mwadilika kwi-ANC kungwatshwa uMlambo-Ngcuka

UMbeki ukhwele mwadilika kwi-ANC kungwatshwa uMlambo-Ngcuka

OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnu Thabo Mbeki usebenzise ithuba ukugxeka i-African National Congress (ANC)  ekhala ngokwehla kwezibalo zabantu abayivotele njengoba bekuwukhetho loHulumeni baseKhaya. Ubethula inkulumo emngcwabeni kaDkt Phumzile Mlambo-Ngcuka ebiseXesi,...

UMashaba ugcine elithathile iGoli abelibanga noZille

UMashaba ugcine elithathile iGoli abelibanga noZille

UMBANGO womkhandlu waseGoli phakathi kukaNkk Hellen Zille weDemocratic Allience (DA) noMengameli we-Action SA, uMnu Herman Mashaba ugcine uphelile emva kokuwina koyedwa kulaba baholi. UMashaba ugcine ekwazile ukuphumelela ekubeni yimeya yaseGoli. Ngesikhathi bevotelwa...

UZuma useqoke indodakazi kwesesekela likanobhala weMKP

UZuma useqoke indodakazi kwesesekela likanobhala weMKP

UMENGAMELI woMkhonto weSizwe Party (MKP) uMnu Jacob Zuma useqoke indodakazi yakhe uNkz Thuthukile Zuma ukuba yisekela likanobhala weqembu obambile. UZuma uphinde wakhipha umyalelo wokuthi uNkz Zuma afungiswe ukuba yilungu lephalamende. Esitatimendeni seMKP, kuvele...