Ilanga News
Home 9 Featured 9 UMashaba ugcine elithathile iGoli abelibanga noZille

UMashaba ugcine elithathile iGoli abelibanga noZille

by | 27 November 2026

UMBANGO womkhandlu waseGoli phakathi kukaNkk Hellen Zille weDemocratic Allience (DA) noMengameli we-Action SA, uMnu Herman Mashaba ugcine uphelile emva kokuwina koyedwa kulaba baholi.

UMashaba ugcine ekwazile ukuphumelela ekubeni yimeya yaseGoli. Ngesikhathi bevotelwa uMashaba uhambe phambili ngamavoti angu-170 ehlula uZille othole angu-97. UMashaba ubuya isibili kumkhandlu waseGoli njengoba ake aba yimeya yawo eseyilungu leDA kodwa wahlukana naleli qembu kungasekuhle waphuma nasesikhundleni sokuba yimeya. Umkhandlu waseGoli uMashaba wawuphatha ,kusuka ngo-2016 kuya ku-2019.

KwesikaSomlomo waseGoli kuqokwe uMnu Adolph Marema we-ANC, ehlula uMnu Alex Christians weDA.

UMarema uhambe phambili ngamavoti angu-171 ehlula uChristians obe nangu-99.

Njengoba i-ANC ibingenawo amakhansela ayi-PR, uMarema osenguSomlomo uphinde abe yikhansela lakaWard 116, ehlanganisa i-Alexandra, Marlboro Gardens neFar East Bank. Umbango weGoli ubumkhulu kakhulu futhi uMashaba wayeshilo ukuthi ufuna ukuphindela eGoli ngoba uliqonda kahle leli dolobha nokuthi abantu bakhona badingani.

Ngakolunye uhlangothi kuphinde kwayihambela kahle i-Action SA njengoba kuqokwe ilungu layo, uDkt Nasiphi Moya esikhundleni sokuba yimeya yaseTswane. IDA ibihamba phambili ngamavoti kule mikhandlu emva kokhetho kodwa engayivumeli ukuthi ingakwazi ukubumba umkhandlu iyodwa ngenxa yokushoda kwezihlalo.

Ukuhlukana kombimbi lwe-ANC, DA ne-IFP kuholele ekutheni iDA isale dengwane njengoba i-ANC iphumele obala ngokusebenza neMKP namanye amaqembu.

Ezisematheni

UMbeki ukhwele mwadilika kwi-ANC kungwatshwa uMlambo-Ngcuka

UMbeki ukhwele mwadilika kwi-ANC kungwatshwa uMlambo-Ngcuka

OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnu Thabo Mbeki usebenzise ithuba ukugxeka i-African National Congress (ANC)  ekhala ngokwehla kwezibalo zabantu abayivotele njengoba bekuwukhetho loHulumeni baseKhaya. Ubethula inkulumo emngcwabeni kaDkt Phumzile Mlambo-Ngcuka ebiseXesi,...

UZuma useqoke indodakazi kwesesekela likanobhala weMKP

UZuma useqoke indodakazi kwesesekela likanobhala weMKP

UMENGAMELI woMkhonto weSizwe Party (MKP) uMnu Jacob Zuma useqoke indodakazi yakhe uNkz Thuthukile Zuma ukuba yisekela likanobhala weqembu obambile. UZuma uphinde wakhipha umyalelo wokuthi uNkz Zuma afungiswe ukuba yilungu lephalamende. Esitatimendeni seMKP, kuvele...