Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kuzamazame izwe iChiefs ihlanganga neBucs kowamanqamu weCarling

Kuzamazame izwe iChiefs ihlanganga neBucs kowamanqamu weCarling

by | 23 November 2026

NGUCASSIUS Mailula weMamelodi Sundowns ebanga ibhola noMduduzi Shabalala weKaizer Chiefs.

KUZAMAZAME iNingizimu Afrika iKaizer Chiefs izibekisela indawo kowamanqamu weCarling Knockout Cup, ukuyobhekana nomkhaya bayo i-Orlando Pirates.

AmaKhosi – asemkhankasweni wokubuyisa isithunzi sawo ebesilokhu sishona phansi – ajabulise abalandeli bawo eguqisa iMamelodi Sundowns ngo-2-1 esikhathini esengeziwe (extra time) kwi-semi final yeCarling Knockout Cup ebeyiphele kungu-0-0 ngeSonto ntambama eLoftus Stadium, ePitoli. Amagoli eChiefs ashaywe nguPule Mmodi ngomzuzu ka-93 no- Ellias Mokwana ngoka-105, kwathi eleDowns langqofelwa enethini nguMothobi Mvala ngoka-126.

IChiefs izobhekana nePirates emdlalweni ozokuba ngoMgqibelo womhla ka-12 kuZibandlela (December) enkundleni esazomenyezelwa. UFernando Da Cruz ololonga iChiefs, uthi lo mdlalo ubunzima kodwa bakwazi ukumelana nawo.

“Besazi ukuthi njengoba siza enkundleni yabo, sizothwala kanzima. Obekumqoka wukuthi sizihlele kahle ngaso sonke isikhathi, engikholwa wukuthi yinto esiyenze kahle. Ngiyababongela abadlali bami, bakhombise ukulikhuphula izinga. Ngikholwa wukuthi baya ngokulivala igebe ebelikhona phakathi kwethu nalawa amanye amakilabhu amakhulu,” kusho uDa Cruz.

UMiguel Cardoso ololonga iDowns, ukhale ngamathuba abawamoshile, wathi yiwona abenzele phansi.

“Ngokwami umdlali ovelele kube ngunozinti wabo, uBrandon Petersen. Ungunozinti oseqophelweni eliphezulu kodwa kulo mdlalo ubengenye into, wenze okungaphezulu, ubahlengile. Sizenzele thina phansi, senza amaphutha awubungane. Besifisa ukuya kowamanqamu, kodwa kwangenzeka. Ngiyayibongela iChiefs, ngiyifisela inhlanhla kowamanqamu,” kusho uCardoso.

Kulo mdlalo kwenzeke okungajwayelekile kushintshwa unondweba uChristopher Kistoorf, okhale ngamajaqamba ngesiwombe sesibili sesikhathi esengeziwe, okwenze indawo yakhe yathathwa nguBuhle Jobela.

Okuqaphelekile ngama-semi final eCarling, wukuthi amagoli esibili – elePirates neleChiefs – angene ngendlela ecishe ifane. EleBucs – elishaywe ngu-Evidence Makgopa – “uliphaselwe” nguSiviwe Nkwali oyisitobha sezitha, iStellenbosch FC, kanti uMokwana “uliphaselwe” nguTashreeq Matthews, ongumgadli weDowns.

IBucs neChiefs bagcina ukuhlangana kowamanqamu ngoNhlaba (May) wango-2025, bebhekene koweNedbank Cup, owanqotshwa yiziMpofana ngo-2-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ezisematheni

Kulindeleke isinqumo senkantolo ngolwePhala Phala

Kulindeleke isinqumo senkantolo ngolwePhala Phala

KULINDELEKE ukuthi iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ikhiphe isinqumo kusasa (ngoLwesithathu) ngesicelo sikaMengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, ofuna kuchithwe isiphakamiso sesigungu sikaSection 89, esifuna kubhekisiswe indaba yePhala Phala. Lokhu kuza emva kombiko...

Izingxoxo zokubumba uhulumeni, zihlehlise ukuqokwa kwemeya yeTheku

Izingxoxo zokubumba uhulumeni, zihlehlise ukuqokwa kwemeya yeTheku

UKUQHUBEKA kwezingxoxo zokubumba uhulumeni wenhlanganisela yamaqembu kuMasipala weTheku, kuholele ekutheni i-ANC yenze isiphakamiso sokuba ungaqhubeki umhlangano obekufungiswa kuwona amakhansela eDurban Exhibition Centre, namuhla ngoLwesibili, lapho obesekulindeleke...

Ubuyela enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga uMokgotsi

Ubuyela enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga uMokgotsi

UBUYELA enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga ngaphansi kwesifungo usomabhizinisi waseNorth West, uMnu Brown Mokgotsi. UMokgotsi usolwa ngokuqamba amanga ngesikhathi ethula ubufakazi kwikhomishana kaMadlanga. Uzovela namuhla enkantolo yeMantshi yasePitoli...