Ilanga News
Home 9 Featured 9 Isicelo sikaMkhwanazi ngamaphoyisa afuna intshontsho

Isicelo sikaMkhwanazi ngamaphoyisa afuna intshontsho

by | 30 October 2025


UMKHUZI wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi unxuse ukuba kubikwe amaphoyisa afuna intshontsho njengoba kuza isikhathi samaholidi kaZibandlela. Lokhu ukusho e-Amphitheater Gardens, eThekwini ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni uhlelo lokuphepha njengoba kuzoqala isikhathi samaholidi. Lo mcimbi ubuhanjelwe uNdunankulu waseKZN, uMnu Thami Ntuli.

UMkhwanazi uthe imigwaqo ivame ukuba matasa esikhathini samaholidi kanti amaphoyisa azobe ephume ngobuningi bawo. Ube esexwayisa labo abahamba ngezimoto ezingekho esimweni esifanele kanye nabashayela bephuzile. Ugqugquzele abashayeli nomphakathi ukuba ubike amaphoyisa enza okungalungile okubalwa nokufuna intshontsho.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...