Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Wakhokhelwa yinyanga yangaphandle u-R4000 owabulala wacwiya owesifazane’

‘Wakhokhelwa yinyanga yangaphandle u-R4000 owabulala wacwiya owesifazane’

by | 10 May 2026

UVELE eNkantolo yeMantshi yaseMpangeni owesilisa osolwa ngokubulala, acwiye izitho zomzimba zowesifazane, ezadayiselwa inyanga yokufika kuleli.

UMnu Kwanele Ndamane (21) uvele enkantolo ngecala lokubulala uNkz Dumisile Xulu (28), isidumbu sakhe esatholakala sesiqala ukonakala, sicwiywe amabele nesitho sangasese ngonyaka odlule. Kubikwa ukuthi umufi watholakala emuva kwezinsuku ezimbili enyamalele, egcine ukubonakala endaweni yokucima ukoma.

Kusolwa ukuthi umufi waklinywa ngaphambi kokuba acwiywe izitho zomzimba.
Kunezinsolo zokuthi zadayiselwa inyanga yezwe langaphandle okuvela ukuthi yiyo eyayifune lezi zitho. Kuthiwa umsolwa, ngemuva kokuboshwa, ucule ngakho konke okwenzeka ngesikhathi bebulala uNkz Xulu nayenabo.

ILANGA lithole ngomthombo walo ukuthi bese kuphele isikhathi kungekho okuqhubekayo ngecala lokubulawa kukamufi. Uveze ukuthi uNdamane uboshwe ngelinye icala eliphathelene nokweba okuthe sekuqhutshekwa nophenyo, kwabe sekuvela ukuthi uyathinteka ecaleni lokubulawa kukaNkz Xulu.

“Isigameko sokubulawa kukaNkz Xulu kwaba yinto edidayo ngoba akekho owabona ebulawa, nesidumbu sakhe satholwa sekunezinsukwana agcine ukubonakala. Kuthiwa inyanga yayimthembise inkokhelo ka-R4000 umbulali uma bekwazile ukuthola izitho zomzimba zomuntu wesifazane. Babe sebebona umufi owayezijabulisa endaweni yokucima ukoma, bamcuthela eseya endlini encane, bambhudubeza bambulala,” kusho umthombo.

Kuthiwa ngemuva komsebenzi, uXulu wayithola imali ayethenjiswe yona. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uSgt Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa abophe umsolwa oneminyaka ewu-21 ngeledlule ngecala lokubulala owesifazane oneminyaka ewu-28 ubudala. Uthe umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi yaseMpangeni.

Ezisematheni

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithe esikhundleni unobhala jikelele weqembu, uMnu Sibonelo Nomvalo wafaka, uNkz Lindiwe Mtshali esikhundleni sakhe. Izinguquko zenzeke emva kophenyo lwangaphakathi oluveza ukuthi uNomvalo kukhona izinto angazihambisi kahle eqenjini...

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...