
UVELE eNkantolo yeMantshi yaseMpangeni owesilisa osolwa ngokubulala, acwiye izitho zomzimba zowesifazane, ezadayiselwa inyanga yokufika kuleli.
UMnu Kwanele Ndamane (21) uvele enkantolo ngecala lokubulala uNkz Dumisile Xulu (28), isidumbu sakhe esatholakala sesiqala ukonakala, sicwiywe amabele nesitho sangasese ngonyaka odlule. Kubikwa ukuthi umufi watholakala emuva kwezinsuku ezimbili enyamalele, egcine ukubonakala endaweni yokucima ukoma.
Kusolwa ukuthi umufi waklinywa ngaphambi kokuba acwiywe izitho zomzimba.
Kunezinsolo zokuthi zadayiselwa inyanga yezwe langaphandle okuvela ukuthi yiyo eyayifune lezi zitho. Kuthiwa umsolwa, ngemuva kokuboshwa, ucule ngakho konke okwenzeka ngesikhathi bebulala uNkz Xulu nayenabo.
ILANGA lithole ngomthombo walo ukuthi bese kuphele isikhathi kungekho okuqhubekayo ngecala lokubulawa kukamufi. Uveze ukuthi uNdamane uboshwe ngelinye icala eliphathelene nokweba okuthe sekuqhutshekwa nophenyo, kwabe sekuvela ukuthi uyathinteka ecaleni lokubulawa kukaNkz Xulu.
“Isigameko sokubulawa kukaNkz Xulu kwaba yinto edidayo ngoba akekho owabona ebulawa, nesidumbu sakhe satholwa sekunezinsukwana agcine ukubonakala. Kuthiwa inyanga yayimthembise inkokhelo ka-R4000 umbulali uma bekwazile ukuthola izitho zomzimba zomuntu wesifazane. Babe sebebona umufi owayezijabulisa endaweni yokucima ukoma, bamcuthela eseya endlini encane, bambhudubeza bambulala,” kusho umthombo.
Kuthiwa ngemuva komsebenzi, uXulu wayithola imali ayethenjiswe yona. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uSgt Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa abophe umsolwa oneminyaka ewu-21 ngeledlule ngecala lokubulala owesifazane oneminyaka ewu-28 ubudala. Uthe umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi yaseMpangeni.







