Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-ActionSA ichitha isabelomali sikaGodongwana

I-ActionSA ichitha isabelomali sikaGodongwana

by | 25 March 2025

NGUSIHLALO we-Action SA kuzwelonke uMnu Michael Beaumont.


IQEMBU i-ActionSA, lithi ngeke likuvotele ukuphasiswa kwesabelomali. Emasontweni ambalwa edlule uNgqongqoshe wezeMali kuzwelonke uMnu u-Enoch Godongwana, wethule isabelomali eCape Town, okulindelwe ukuthi kuvotelwe ukuphasiswa kwaso ePhalamende.

Usihlalo we-ActionSA kuzwelonke, uMnu Michael Beaumont, nomholi waleli qembu ePhalamende, uMnu Athol Trollip, bathi umhlangano ababenawo ne-African National Congress (ANC) ngoLwesihlanu, ufinyelele kwangqingetshe.

“Asivumi ukuthi singavotela ukwenyuswa kwentela ekubeni abantu behlupheka. Laba bantu abakwiGovernment of National Unity (GNU), bazovotela ukuthi iphasiswe ngoba bona akubakhathazi, banayo imali,” kusho isitatimende saleli qembu.

I-ANC enezihlalo eziwu-159 ePhalamende, neDemoctaric Alliance (DA) enezihlalo ezingu-87, kube ngamanye amaqembu akuGNU, kuzofanele bahlangane kuphume amavoti angu-201, azokwenza ukuthi isabelomali samukelwe.

Amaqembu asePhalamende, angeyona ingxenye yeGNU, okuyiMK Party, yi-EFF, nayo i-ActionSA, basikhahlela ngazo zombili isabelomali, sikaGodongwana.

menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...