Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-ActionSA ichitha isabelomali sikaGodongwana

I-ActionSA ichitha isabelomali sikaGodongwana

by | 25 March 2025

NGUSIHLALO we-Action SA kuzwelonke uMnu Michael Beaumont.


IQEMBU i-ActionSA, lithi ngeke likuvotele ukuphasiswa kwesabelomali. Emasontweni ambalwa edlule uNgqongqoshe wezeMali kuzwelonke uMnu u-Enoch Godongwana, wethule isabelomali eCape Town, okulindelwe ukuthi kuvotelwe ukuphasiswa kwaso ePhalamende.

Usihlalo we-ActionSA kuzwelonke, uMnu Michael Beaumont, nomholi waleli qembu ePhalamende, uMnu Athol Trollip, bathi umhlangano ababenawo ne-African National Congress (ANC) ngoLwesihlanu, ufinyelele kwangqingetshe.

“Asivumi ukuthi singavotela ukwenyuswa kwentela ekubeni abantu behlupheka. Laba bantu abakwiGovernment of National Unity (GNU), bazovotela ukuthi iphasiswe ngoba bona akubakhathazi, banayo imali,” kusho isitatimende saleli qembu.

I-ANC enezihlalo eziwu-159 ePhalamende, neDemoctaric Alliance (DA) enezihlalo ezingu-87, kube ngamanye amaqembu akuGNU, kuzofanele bahlangane kuphume amavoti angu-201, azokwenza ukuthi isabelomali samukelwe.

Amaqembu asePhalamende, angeyona ingxenye yeGNU, okuyiMK Party, yi-EFF, nayo i-ActionSA, basikhahlela ngazo zombili isabelomali, sikaGodongwana.

menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...