Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Isidumo abomndeni bebanga isikhundla sobuholi eChibini

Isidumo abomndeni bebanga isikhundla sobuholi eChibini

by | 5 November 2025

KUXABENE ubendle emndenini wakwaCele kubangwa isikhundla sokuhola iFather Masango St John’s Apostolic Faith Mission eMaoti, eNanda, eThekwini engaphansi kwekomkhulu iLekokoaneng, eLesotho.

ILANGA lithole ukuthi ngoMgqibelo nayizolo ngeSonto bekufanele kubanjwe umhlangano wokuqoka ngokusemthethweni umholi, emuva kokubizelwa enkosini ngo-2020 kukaLady Bishop Terresa Majola obelihola.

Emuva kokwedlula kwakhe, ibandla laqoka indodakazi yakhe uNkk Jabu Cynthia Majola-Gumede ukuba alihole. Walihola unyaka owodwa, emuva kwalokho naye wadlula emhlabeni. Kuvela ukuthi emuva kwakhe kuqokwe uMfu Xolani Cele ongumzukulu kaLady Bishop Majola. Naye akawuqedanga unyaka njengoba kuthiwa abanye bomndeni bakuphosela inselelo ukuba kwakhe kulesi sikhundla, wasiduba.

Phakathi kwamalungu omndeni okuthiwa aphumela obala ngokuthi ayasifuna lesi sikhundla, kubalwa noNkk Makhosazane Cele, ongunina omdala kaXolani. Emuva kokuthatha izintambo kukaMakhosazane, kuthiwa kalubanga khona uzinzo, okuholele ekutheni amanye amagatsha angaphansi kwalo, alahlekelwe ngamalungu.

ILANGA lithole ukuthi umbango omkhulu uphakathi kwamadodana akwaCele ayizelamani, uThulani (okuthiwa weseka uMakhosazane) noXolani (owavukelwa eseqokiwe futhi okuthiwa unabalandeli abaningi). Umthombo weLANGA ongaphakathi kuleli bandla, uthi kunezinsolo eziqinile zokuthi abasembangweni bafuna amandla okuhola ibandla ngoba becabangela izisu zabo ngemali yomnikelo.

ILANGA libone ingxenye yezithombe-mnyakazo (videos) okuzwakala kuzona abanye bememeza bethi, “akulona ifa”.

“Selokhu kungene lo mama ibandla liyawa, izindonga kazilungi-swa. Ukungaqokwa kwakhe (kwasekuqaleni) ukuhola ibandla kwenziwa ngoba kulandelwa amazwi kanina, owasidonsa ngendlebe wathi singalinge simfake ngoba unolimi olungeluhle. Namanje ulibulele ibandla, lilahlekelwe ngamalungu.

“Iningi imali eyenziwa yibandla. Ngosuku kuyaye kube nezinkonzo ezine, kuzona zonke lezi zinkonzo kuyanikelwa. Ngenyanga kaNdasa (March), uNcwaba (August) noLwezi (November) iyangena imali engaphezulu kuka-R30 000 ngesonto elilodwa. Ngenkonzo enkulu iyanikelwa imali engaphezulu kuka-R100 000. Lapha kubanga umndeni,” kusho umthombo.

Uthi ngoMgqibelo udaba luqale ngokubangisana ngokuvulwa nokuvalwa kwesango lesakhiwo.

“Umama uCele nobhuti uThulani kube yibona abavale isango lesakhiwo, okuthe uma kufika uXolani, ehamba namaphoyisa, walivula, kwaba wukungena kwamalungu ebandla. Kushode ozogadla kuqala phakathi kwalaba ababili,” kusho umthombo.

ILANGA lizame kaningi ukuxhumana noNkk Makhosazane Cele kodwa kwangalunga. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Nomyalezo athunyelelwe wona akawuphendulanga. Kube yisimo esifanayo nakuMfu Thulani Cele.

ILANGA lixhumane noMfu Sfiso Mkhize, ongunobhala waleli bandla, othe ngeke akwazi ukuphawula ngalolu daba ngesizathu sokuthi selufakwe kwabomthetho.

“Ngathunyelelwa incwadi engibizela enkantolo, ukuyochaza uhlangothi lwami. Belungakafiki usuku lokuya enkantolo. Yingalesi sizathu ngingeke ngikwazi ukuphawula ngalolu daba,” kusho uMkhize.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...