
KUNQANYULWE inkontileka ebidla izindodla zemali ebezikhokhela amahhovisi oMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu eMgungundlovu.
UNgqongqoshe walo mnyango uMfu Thulasizwe Buthelezi, uveze lokhu ngesikhathi esayina isivumelwano noMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi, kunikezelwa amabhilidi esishayamthetho esidala esisoNdini asezokuba ngaphansi komnyango wakwaCogta.
UButhelezi uthe bazokonga u-R72 million eminyakeni emithathu njengoba ngonyaka amahhovisi ebekhokhelwa u-R24 million. Uveze ukuthi kuzovuselelwa amahhovisi oNdini, okuyinto ezoletha amathuba emisebenzi kuleya ndawo, kubuye nesithunzi samakhosi njengoba isihlalo sendlu yawo sikuyona le ndawo.
“Sikholelwa wukuthi imali yabakhokhi bentela kumele isetshenziswe ngendlela efanele, yongiwe, kungakhokhelwa izinto ezingenaso isidingo ekubeni ekhona amabhilidi esingawasebenzisa. Ngakho-ke amabhilidi angaphezulu kuka-80 esiwanikwa wuMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi, siyawamukela futhi sinezinhlelo eziningi ngokusetshenziswa kwawo.
“Ziningi nezinhlelo esinazo ngesishayamthetho kanti amabhilidi sizobheka isimo akusona, bese eyalungiswa. Amakhosi sifuna ahlale nezinduna zawo endaweni esesimweni esihloniphekile uma ebambe nemihlangano yawo oLundi, bese ezinye izindawo ziqashiswe,” esho.
UNgqongqoshe wezemiSebenzi yomMphakathi uMnu Martin Meyer, unikezele ngokusemthethweni ngala mabhilidi, wathi isizathu sokucelwa kwawo sizwakele, ikakhulukazi odabeni lwamakhosi.
UButhelezi uthe ukufudukela kwamahhovisi oNdini, kusho ukuthuthuka komnotho wakuleya ndawo yasemakhaya nokusondezwa kwezidingo zikahulumeni kubantu. Uthi inkontileka yokusebenza komnyango wakhe emahhovisi aseMgungundlovu, ngeke isavuselelwa. Kulindeleke ukuba inkontileka iphele maduze.
“Lokhu kusho ukuthi eminyakeni emithathu sizokonga imali engango-R72 million, okuyimali esizoyisebenzisa ukulungisa amabhilidi, isize ohlelweni lwempesheni ne-medical aid yamakhosi.
“Izisebenzi ebezikuleli bhilidi zizothuthelwa kwamanye kahulumeni, okusho ukuthi kayikho imali ezomosheka. Okuhle-ke ngalesi sivumelwano wukuthi baningi abazothola amathuba emisebenzi ngesikhathi elungiswa amabhilidi, kanti nalabo abasemkhakheni wokudayisa nokuthenga izindlu nabo basemathubeni,” kusho uButhelezi.
Uthe umnotho wasoLundi ngeke usafana nasekuqaleni ngoba kuningi okuzoshintsha.
“Lapha sizoqhuba umsebenzi owaqalwa nguMntwana waKwaPhindangene ngesikhathi kwakhiwa lesi Sishayamthetho wayefisa kushintshe impilo yabantu basoLundi namaphethelo.”







