
SIKHALE ngokungaganwa kwezinsizwa iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngesikhathi sivala uMkhosi woMhlanga namhlanje ngeSonto – sathi izintombi zigugela emakhaya zingaganile ngenxa yokuthi izinsizwa kazithathi. ISilo sithe lokhu kuzomele kuhlalelwe phansi kudingidwe.
Sisho lokhu nje, besivalelisa izintombi ebezihamba uMkhosi woMhlanga okokugcina kulo nyaka ngoba seziyogana. Kuzokhumbuleka ukuthi lo mkhosi usongwa nje, uqale ngoLwesihlanu lapho izintombi ebeziqhamuka ezifundazweni ezahlukene eNingizimu Afrika ziphume ngobuningi bazo.
Yize namhlanje ngeSonto isimo sezulu besingesihle njengoba belibuye liyishaye imvula kodwa izintombi kazizange ziphele amandla. Bezilokhu zishaya ingoma zilinde iNgonyama. Nokho-ke ezinye kazikwazanga ukulinda njengoba amanye amabhasi abethwele izintombi ikakhulu eziqhamuka ezindaweni ezikude besekumele ahambe. Ngesikhathi sithula inkulumo yaso iSilo uMisuzulu, sifisele lezi ntombi okuhle kodwa saphinde sagqungquzela ukubambisana. Siveze ukuthi yize kunezinkinga ezikhona kodwa lokho akusho ukuthi impilo kumele ime.
UMntwana uThulani Zulu emuva kokuba iNgonyama isonge inkulumo yayo, ugxeke kakhulu umthetho osanda kuphasiswa wokuthi amadoda athathe izibongo zamakhosikazi awo. Uthe iNdlunkulu kayivumelani nalokho. Uthe kungumkhuba lona wokuthi indoda ingathatha isibongo sowesifazane. Uthe uZulu ngeke ukuvume lokho, kuyokwenziwa abakuthandayo. Uphinde weluleka izintombi ebezivaleliswa ukuthi zingafike emendweni beze sifuna ukushintsha izibongo zabakhwenyana bazo.
UMntwana uThulani usho lokhu nje, kunomsindo okhona kwabaningi ngalo mthetho ophasiswe yinkantolo ngoLwesine “Ngibonile nje ezinkundleni zokuxhumana abantu bekhuluma ngokuthi iSilo bekumele sikhulume ngale ndaba yokuphasiswa kwalo mthetho. Engifuna ukukusho ukuthi ngeke siyivume leyo. Nani zintombi njengoba nihamba, ningafike nishintshise abakhwenyana benu izibongo,” kusho uMnwana waseZibindini.







