Ilanga News
Home 9 Featured 9 ULwah Ndlunkulu wethule i-albhamu nenkampani

ULwah Ndlunkulu wethule i-albhamu nenkampani

by | 5 October 2025

USUNGULE inkampani eqanjwe nge-albhamu yakhe entsha umculi uLwah Ndlunkulu, ongumculi wokuqala wesifazane enkampanini Inkabi Records, eholwa intandokazi yomrepha wakuleli uBig Zulu.


ULwah wethule i-albha-mu yakhe esihloko sithi, “Amaciko” ngoLwesibili, emcimbini obuseThe Playhouse, eThekwini.
Utshele izicuku-thwane ebezihambele lo mcimbi ukuthi le albhamu isenhliziyweni yakhe, njengoba
iqanjwe ngenkampani asanda kuyisungula.


“Kimina kufana nokuthi ngizala ingane ngale albha-mu, njengoba se-nginenkampani yami ebizwa ngokuthi, Amaciko. Ngaphansi kwayo kuzoba ne-Amaciko Foods ne-Ama-ciko Clothing, ka-njalo ne-Amaciko Productions,” kusho uLwah, kuqhuma ihlombe.
Uthe kumqoka ukuzama izinto eziningi uma uyiciko.
“Kubalulekile ukukhula empilweni, ngikhuthaza ukuthi amaciko azithuthukise, akhule, angagcini ngo-kwenza into eyodwa,” kusho le ntokazi esike yakhiqiza inqwaba yamanoni phambilini.
ULwah uyaziwa ngamanoni okubalwa kuwona elithi, “Amaphupho”, elithi “Ngyathandaza”, elithi Ithuba, elithi “Eyami”, namanye.
Le albhamu iqukethe izingoma okubalwa
kuzo ethi, “Ngizobonga”, ethi, “Nembeza”, ethi, “Ithemba”, ethi, “Mnakwethu”, nezinye.
Uthe usebenze nabaculi abehlukene okubalwa kubo uThokozani Langa, uMawhoo, uSaliwa, uPoshani Mzansi, uMusiholiq, uDany Devs nabanye. Ubonge inkampani Inkabi Records,
ngokumeseka.
ULwah useke wahlabana ngenqwaba yezindo-ndo okubalwa kuzo neyeSouth African Music Awards.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...