Ilanga News
Home 9 Featured 9 Udilikajele kowadlwengula owesifazane (61) emvale umlomo

Udilikajele kowadlwengula owesifazane (61) emvale umlomo

by | 20 October 2026

INKANTOLO yeSifunda yaseVryheid igwebe udilikajele umdlwenguli, uJoseph Lebenya (41) ngoLwesibili  yaphinde yamnika iminyaka emihlanu ngecala lokugqekeza awenza elokishini iBhekuzulu, eVryheid ngomhlaka 17 kuZibandlela (December) 2023.

Kuleli cala kuthiwa owesifazane oneminyaka engu-61 wayelele ebusuku ngesikhathi evuswa umuntu owayemthintathinta. Ngesikhathi esazama ukubheka ukuthi kwenzekani, umuntu ongaziwa wamvala umlomo  ngesandla ukuthi angamemezi wamkhumula wase eyamdlwengula. Kuthiwa umdlwenguli wayengene ngefasitela.

Eseqedile umdlwenguli kuthiwa batholana phezulu nalo wesifazane belwa wagcina ekwazile ukubaleka kodwa kwasala iJacket yomdlwenguli kulo wesifazane. Ephaketheni  leJacket kuthiwa kwatholakala umakhalekhukhwini. Udaba lwabikwa emaphoyiseni eVryheid idokodo ladluliselwa oPhikweni lwamaPhoyisa i Vryheid Family Violence Child Protection and Sexual Offences Unit (FCS ukuthi aliphenye.

Ngophenyo olwenziwa amaphoyisa akwazi ukuthola ukuthi umenzi wobubi uJoseph Lebenya. Ngaleso sikhathi uLebenya wayesebalekile endaweni. Ngenhlanhla amaphoyisa akwazi ukugcina embambile ngomhlaka 15 kuNhlaba (May) ngo-2025, wathweswa amacala futhi wanqatshelwa nebheyili.

Icala liqhubeke enkantolo yeSifunda yaseVryheid lagcina limgojelile. Ngokunjalo inkantolo iphinde yamnqabela ukuthi aphinde aphathe isibhamu.

Ezisematheni

Undunankulu ukhala ngokwanda kwezibhamu eMlazi

Undunankulu ukhala ngokwanda kwezibhamu eMlazi

UKHALE ngokwanda kwezibhamu eMlazi uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli ngesikhathi esingethe Imbizo yokulwa nobugebengu ebise kundleni yezemidlalo yesikole iMenzi High School ngoLwesibili. UNtuli ubize le mbizo ngenhloso yokunxenxa umphakathi ukuthi...

Isishayamthetho sithi sikulungele ukufungisa uBarnes kusasa

Isishayamthetho sithi sikulungele ukufungisa uBarnes kusasa

USOMLOMO weSishayamthetho saKwaZulu-Natal, uNkz Nontembeko Boyce uthi uselinde ukuthi anikwe isinqumo sejaji elichithe uNkz Mbali Shinga esicelweni sokubuyekezwa kwecala lokuxoshwa kwakhe yiNational Freedom Party (NFP) ukuze kufungiswe umengameli waleli qembu. Lokhu...

UGodongwana uzokwethula isabelomali ‘ngaphansi kwengcindezi’

UGodongwana uzokwethula isabelomali ‘ngaphansi kwengcindezi’

UNGQONGQOSHE wezeMali eNingizimu Afrika, uMnu Enoch Godongwana, uzokwethula isitatimende sesabelomali, ngaphansi kwengcindezi yesimo somnotho esinzima emhlabeni ngenxa yempi esaqhubeka phakathi kwe-United States of America ne-Iran. NgoLwesithathu uGodongwana...