
UMNYANGO wezaseKhaya unxenxa bonke abangayibhalisile imishado yabo yesintu ukuba bavaka- shele emahhovisi akwaNdabazabantu aseduze nabo, bayoyibhalisa ngaphambi kokushaya kwesikhathi esiwu- mnqamlajuqu sokubhaliswa kwa- yo esisekupheleni kwenyanga ezayo, mhla ka-31 kuNcwaba (August) nonyaka.
Lo mnyango uthi bonke abasha- de le mishando engaphansi ko- mthetho i-African Customary Ma- rriage Act ka-1998 kumqoka ukuba babhalise ukuze bavikelwe wu- mthetho njengemishado yesilu- ngu.
“Ukubhaliswa kwayo kubaluleke kakhulu ngoba kwenza kube lula ukuthi kulandelwe zonke izindlela zomthetho, (abaganene) bathole amaphepha afanele, afana nesitifiketi somshado nokunye.
“Kuyiqiniso ukuthi imishado yesintu isemthethweni uma kula- ndelwe yonke imigudu efanele, kodwa noma isemthethweni, isuke ingabhalisiwe,” kusho umnyango.
AboMnyango wezaseKhaya ba- thi empeleni lesi sinqumo sitha- thwe ngenhloso yokuthi kubhali- swe imishado yesintu yezakhamizi zakuleli ezashada ngaphambi ko- kuphasiswa kwesigatshana so- mthetho iRecognition of Customary Marriages Act 120 of 1998, eyaqala ukusebenza ngokusemthethweni ngoLwezi (November) wonyaka ka-2000.
“Nakuba sasihlose ukuba ku- bhaliswe imishado eyashadwa ngaphambi kokuqala kokusebenza kwalesi sigatshana somthetho, ko- dwa siyakuqonda ukuthi nange- muva kokuphasiswa kwalo mthe- tho, miningi imishado yesintu
engabhaliswanga ngezizathu ezi- ningi, esingabala kuzo nokungabi nalo ulwazi ngalo mthetho.
“Yikho-ke sinxenxa abaganene ngalolu hlobo ukuba babhalise, bangalindi kuze kube wusuku lo- kugcina,” usho.
Abomnyango bathi abafisa ukubhalisa imishado yabo, kumele baye emahhovisi akwaNdabazabantu, behamba nofakazi basemi- ndenini yomibili.
Kumele baphathe omazisi, izi- vumelwano zamalobolo (uma zi- khona), bagcwalise iphepha i-BI-1699, bese behlinzeka ngezizathu ezaholela ekutheni bangayibhalisi imishado yabo phambilini.
Isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo
ngemishado yesintu
NgoMasingana (January) nonyaka udaba lwemishado yesintu lube sematheni ngemuva kokuba iNka- ntolo yoMthethosisekelo inqume ukuthi imishado yesintu neyesilu- ngu kuyalingana phambi komthe- tho.
Kuleso sinqumo esafundwa yiJaji uSteven Majiedt, kwavela ukuthi umuntu oselobolile ngisho ngabe akakaqedi, uthathwa njengoseshade umshado wesintu ohlanganisa amafa. Yathi lemishado ingahlu- kaniswa wukufa noma yisehlukaniso senkantolo esisemthethweni.
Lesi sinqumo sashayelwa ihlo- mbe yizakhamizi zakuleli, okuba- lwa kuzo izazi zomthetho nezama- siko.
Isazi samasiko uSolwazi Jabula- ni Maphalala, sathi lesi sinqumo sekunesikhathi eside silindelwe.
Sathi lesi sinqumo sizoba wusizo olukhulu, njengoba sizolekelela ekuqinisekiseni ukugcinwa kwa- masiko esintu.
Isazi somthetho ummeli uMpumelelo Zikalala, wathi ukube kuye- nzeka ngabe abafisa ukuqala uhlelo lokulobolana babonana nabameli babenezivumelwano, ikakhulukazi lezo ezithinta ukuhlukaniswa kwamafa nobunikazi bezindawo.
Sathi lesi sinqumo sivikela abesifazane abasesithenjini, njengoba sithi owesilisa oshade umshado wesintu akakwazi ukubhalisa omu- nye umshado okungaba owesintu noma owesilungu ngale kwemvume ebhalwe phansi yowesifazane ashade naye.







