
IGCINE isithathile isinqumo iSABC, yagunyaza isizini yesibili yomdlalo kamabonakude owuchungechunge, osihloko sithi “Amalanga Awafani”, okhonjiswa kwiSABC 1 phakathi nezinsuku.
Lo mdlalo kuke kwavela ukuthi ikusasa lawo lisengcupheni, ngenxa yokungenzi kahle ngokwezibalo zababukeli, okuvele ukuthi kwenze le nhlangano yezokusakaza yaqale yaba manqika ukugunyaza ukubuya kwawo ngesizini yesibili.
ILANGA ngonyaka owedlule libikile ngokulengela eweni ngekusasa lalo mdlalo, njengoba kuke kwavela nokuthi kube nezikhawu zokungaholelwa kwabalingisi ngesikhathi esifanele.
Phambilini okhulumela iStained Glass TV, eqopha lo mdlalo, uNomfundo Zondi waveza ukuthi balinde iSABC ukuba icacise ngekusasa lalo mdlalo.
Esitatimendeni esikhishwe yile nhlangano, kuthiwa isizini yesibili kulindeleke ukuba iqale ngomhla ka-25 kuNhlaba (May). Siveze ukuthi lo mdlalo uzoqala isizini yesibili sekwengezwe nabanye abalingisi abasha.
“Kwisizini yesibili sithembisa ababukeli okuningi okuzobajabulisa, nokuzobashiya bebambe ongezansi. Sizobe sisaqhubeka nayo impilo yamawele, kodwa kulokhu sizobe sesiveza ezama impilo eGoli ezinhlelweni zokufeza amaphupho awo,” kusho isitatimende.
Lo mdlalo ugabe ngabalingisi asebezakhele igama kulo mkhakha, okubalwa kubo uMelusi Yeni, uSthandwa Nzuza, uFanele Zulu, uKholeka Mthembu, uSbo-nakaliso Mazibuko, u-Alfred Majola nabanye.







