
UNGQONGQOSHE wezeMfundo kuZwelonke, uNkz Siviwe Gwarube, usememezele umthethosivivinyo ozochaza ukuthi izikole kumele zibhekane kanjani nabafundi abakhulelwe.
Lo mthethosivivinyo uthi abafundi abakhulelwe kakumele baxoshwe esikoleni, kumele bavunyelwe ukuqhubeka nokufunda nakuba bekhulelwe, bese bebuyela esikoleni ngemuva kokubeletha, ngaphandle kokuhlukumezeka. Uma umfundi ongaphansi kweminyaka ewu-16 ekhulelwa, isikole kumele sibike emnyangweni nakwabomthetho.
“Inhloso yalokhu wukuvikela izingane ezincane, nokuqinisekisa ukuthi uma kukhona ehlukumezekayo, kuyaphenywa,” esho.
Izikole zizophinde zilindeleke ukuba zeseke abafundi uma besakhulelwe, kanjalo noma sebebelethile, kuqinisekiswe ukuthi bayaqhubeka nokufunda.
“Izikole kumele zibe yindawo ephephile, ekwazi ukweseka abafundi. Othisha nesikole kumele baphathe abafundi abakhulelwe ngendlela enesithunzi, futhi baqinisekise ukuthi kabahlulelwa, futhi kababandlululwa,” esho.
UNkz Gwarube uthi izikole zizosebenzisana noMnyango wezeMpilo nowezeNhlalakahle ukusiza abafundi, bathole ukwesekwa. Kulokhu kubalwa ukuvakashela emtholampilo ukuyoxukuza, nokwesekwa ngokomqondo.
“INingizimu Afrika isiphumile emthethweni wakudala, lapho abafundi bamantombazane bebexoshwa uma bekhulelwe. Imithetho emisha yakhelwe ukuthi ikwazi ukuvikela ilungelo labo lezemfundo,” kusho uNkz Gwarube.
Uthe lo mthethosivivinyo umphakathi wamukelekile ukufaka imibono ngawo, okusho ukuthi abazali, othisha nezinye izinhlaka, zingafaka uvo ngaphambi kokuthi kufinyelelwe emaphethelweni ngemithetho.
Umphakathi ungathumela i-email ku: LearnerPrengancyRegz@dbe.gov.za ezinsukwini eziwu-30 kusukela ngosuku okushicilelwe ngawo lo mbiko, okuwu-25 March 2026.
Kuphuma lo mthetho nje, ILANGA lisanda kubika kabanzi ngodaba lomndeni womfundi (17) waseNtshisekelo High School, eNanda, usola uthishanhloko ngokufa kwamawele endodakazi yawo, ebelethele esikoleni. Lokhu kugcine kuphazamisa othisha nabanye abafundi esikoleni, ngesikhathi kwenzeka kufundwa.







