Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Isingenwe ngondlunkulu beSilo uMdlokombane eyezinkinga KwaKhangela

Isingenwe ngondlunkulu beSilo uMdlokombane eyezinkinga KwaKhangela

by | 3 April 2025

ISEWUSAWOTI esilondeni indaba yokukhothama kukaMtanenkosi, uMantfombi Shiyiwe Zulu (uMaDlamini), emazinyaneni akhe asala enganakekelwe muntu, kulandela ukuqubuka kombango wesihlalo.

Lokhu kudalulwe nguMntwana waseZibindini, uThulani Zulu ngesikhathi kunomhlangano wabaNtwana baseNdlunkulu esigodlweni KwaKhangelamankengane ngoLwesibili.

Lo mhlangano uyimizamo yokwakha ubumbano endlunkulu nasemazinyaneni aKwaKhangela.

Ekhuluma neLANGA uMntwana uThulani uthe: “Kuyiqiniso ukuthi besihlangene ngoLwesibili ngenhloso yokwakha ubumbano eNdlunkulu kaZulu. Sikhethe ukuhlanganela KwaKhangela ngoba amazinyane akhona asala dengwane enganakekelwe muntu emuva kokukhothama kukayise nonina.

“Kulo mhlangano ngikhulume kakhulu ngobuhlungu amazinyane abhekana nabo kungekho muntu osondele eduze kwawo ngenxa yombango wesihlalo owawushisa phansi. Lokhu bekuwumzamo wokuwathoba amanxeba.”

Lo mbango akhuluma ngawo, wawuphakathi kukaMntwana uSimakade “Zondamagwala” Zulu, oyindodana endala yeSilo uMdlokombane ayizala esemusha, engakaganwa, neSilo uMisuzulu osekunguyena ohleli kulesi sihlalo.

UMntwana uThulani uhlabe ikhwelo elibhekise kwabezindaba, wathi iNdlunkulu kaZulu icela ukuba inikwe ithuba lokubhekana nalolu daba.

“Iyasikhathaza indaba yokuthi izindaba zomndeni, zitholakale sezisabalele ezinkundleni zokuxhumana nakwabezindaba. Kawukho umndeni ongenayo intuthu yawo, kodwa lokho kusuke

kungekona okomphakathi.

“Siyacela abezindaba basinike ithuba lokuba silungise kahle okwasendlunkulu. Njengoba besihlangene nje nabaNtwana, sizoyokhothama eSilweni ukuthi sibe nezingxoxo naso,” esho.

UMntwana ukhuluma kanjena nje, kusanda kuputshuka inkulumo eqoshiwe, iSilo uMisuzulu

sikhwela sidilika ngenhlamba eyesabekayo kudadewabo, uMntwana uNomkhosi Zulu, simbiza eziketini zikanina obazala bobabili. Umntwana uThulani ukuvezile ukuthi lo mkhankaso abawuqalile awukhethi bala lamuntu, bonke abantwana bavumelekile.

“Lo mkhankaso awuhlangene nombango, kodwa sifuna ukuba sihlangane, bonke abantwana bavumelekile. Ondlunkulu bakaMdlokombane bonke bayingxenye yale mihlangano.

Kwabebekhona, singabala uSibongile (uMaDlamini), uThandekile (uMaNdlovu), uNompumelelo

(uMaMchiza). Abanye uBuhle (uKaMathe) noZesuliwe bebexolisile. KwiziNdlovukazi ebezikhona singabala uMayvis oKaGwabini noMaNtombela.

“NoMntwana uMbonisi uyamenywa kule mihlangano ngoba kawukhethi muntu,” kucacisa uMntwana uThulani.

NeSilo uMisuzulu sikhiphe esaso isitatimende, esicacisa ukuthi sisaphenya ukuthi inkulumo eqoshiwe, sizwakala sixabana nodadewabo, iputshuke kanjani ezinkundleni zokuxhumana.

UHlanga Lomhlabathi lucele abezindaba bake babanike ithuba.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...