Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Isingenwe ngondlunkulu beSilo uMdlokombane eyezinkinga KwaKhangela

Isingenwe ngondlunkulu beSilo uMdlokombane eyezinkinga KwaKhangela

by | 3 April 2025

ISEWUSAWOTI esilondeni indaba yokukhothama kukaMtanenkosi, uMantfombi Shiyiwe Zulu (uMaDlamini), emazinyaneni akhe asala enganakekelwe muntu, kulandela ukuqubuka kombango wesihlalo.

Lokhu kudalulwe nguMntwana waseZibindini, uThulani Zulu ngesikhathi kunomhlangano wabaNtwana baseNdlunkulu esigodlweni KwaKhangelamankengane ngoLwesibili.

Lo mhlangano uyimizamo yokwakha ubumbano endlunkulu nasemazinyaneni aKwaKhangela.

Ekhuluma neLANGA uMntwana uThulani uthe: “Kuyiqiniso ukuthi besihlangene ngoLwesibili ngenhloso yokwakha ubumbano eNdlunkulu kaZulu. Sikhethe ukuhlanganela KwaKhangela ngoba amazinyane akhona asala dengwane enganakekelwe muntu emuva kokukhothama kukayise nonina.

“Kulo mhlangano ngikhulume kakhulu ngobuhlungu amazinyane abhekana nabo kungekho muntu osondele eduze kwawo ngenxa yombango wesihlalo owawushisa phansi. Lokhu bekuwumzamo wokuwathoba amanxeba.”

Lo mbango akhuluma ngawo, wawuphakathi kukaMntwana uSimakade “Zondamagwala” Zulu, oyindodana endala yeSilo uMdlokombane ayizala esemusha, engakaganwa, neSilo uMisuzulu osekunguyena ohleli kulesi sihlalo.

UMntwana uThulani uhlabe ikhwelo elibhekise kwabezindaba, wathi iNdlunkulu kaZulu icela ukuba inikwe ithuba lokubhekana nalolu daba.

“Iyasikhathaza indaba yokuthi izindaba zomndeni, zitholakale sezisabalele ezinkundleni zokuxhumana nakwabezindaba. Kawukho umndeni ongenayo intuthu yawo, kodwa lokho kusuke

kungekona okomphakathi.

“Siyacela abezindaba basinike ithuba lokuba silungise kahle okwasendlunkulu. Njengoba besihlangene nje nabaNtwana, sizoyokhothama eSilweni ukuthi sibe nezingxoxo naso,” esho.

UMntwana ukhuluma kanjena nje, kusanda kuputshuka inkulumo eqoshiwe, iSilo uMisuzulu

sikhwela sidilika ngenhlamba eyesabekayo kudadewabo, uMntwana uNomkhosi Zulu, simbiza eziketini zikanina obazala bobabili. Umntwana uThulani ukuvezile ukuthi lo mkhankaso abawuqalile awukhethi bala lamuntu, bonke abantwana bavumelekile.

“Lo mkhankaso awuhlangene nombango, kodwa sifuna ukuba sihlangane, bonke abantwana bavumelekile. Ondlunkulu bakaMdlokombane bonke bayingxenye yale mihlangano.

Kwabebekhona, singabala uSibongile (uMaDlamini), uThandekile (uMaNdlovu), uNompumelelo

(uMaMchiza). Abanye uBuhle (uKaMathe) noZesuliwe bebexolisile. KwiziNdlovukazi ebezikhona singabala uMayvis oKaGwabini noMaNtombela.

“NoMntwana uMbonisi uyamenywa kule mihlangano ngoba kawukhethi muntu,” kucacisa uMntwana uThulani.

NeSilo uMisuzulu sikhiphe esaso isitatimende, esicacisa ukuthi sisaphenya ukuthi inkulumo eqoshiwe, sizwakala sixabana nodadewabo, iputshuke kanjani ezinkundleni zokuxhumana.

UHlanga Lomhlabathi lucele abezindaba bake babanike ithuba.

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...