Ilanga News
Home 9 Featured 9 UNala ugeza igama labaculi abasolwa ngeyesoso koweNkosi YamaGcokama

UNala ugeza igama labaculi abasolwa ngeyesoso koweNkosi YamaGcokama

by | 21 August 2026

UGEZA igama labaculi bakamaskandi abasolwa ngokuzithathela izinqumo ngomngcwabo weNkosi YamaGcokama umasingcwabisane waMathole Funerals.

UMnu Vezokuhle Nala waMathole uthi asikho isinqumo esathathwa uKhuzani Mpungose noNtencane Zondi ngaphandle kokuvumelana nomndeni weNkosi Yamagcokama ngokuthi imali engango R230 000 eyayinikelwe abaculi ukuba inikezwe Amathole.

Uveze ukuthi ukusiza kwakhe ngokuhlela imingcwabo yomibili eMsinga, kungenxa yokuthi wayecelwe abaculi.

“Abaculi sahamba nabo saya emndenini ngesikhathi kuzwakala izindaba zokushona kwamalungu emndeni, bayitshela imindeni izifiso zabo zokuthi bazobamba iqhaza ekungcwabeni, baqoka Amathole kwabe sekuvunyelanwa,” kusho uMnu Nala.

Uthe izindleko zomngcwabo wegidangoma leNkosi YamaGcokama uSipho “Gupta” Mchunu, ubeyizindleko ezingaphezulu kuka-R230 000 owawukhishwe abaculi.

“Izindleko zomngcwabo kaGupta zingaphezulu kwale mali eyakhishwa abaculi, ngingakawuthinti oweNkosi YamaGcokama umngcwabo. Laba abakhuluma kakhulu ezinkundleni zokuxhumana besola ukuthi ngathola imali eningi okwakumele inikezwe umndeni wakwaDlamini, bakhulunyiswa ukungazi,” kusho uMnu Nala.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...