Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kushaqwe inyanga kutholakala isidumbu somfundi sicwiyiwe

Kushaqwe inyanga kutholakala isidumbu somfundi sicwiyiwe

by | 9 July 2025


KUBATSHAZWA isihluku esesabekayo sokubulawa komfundi obenza uGrade 12, wacwiywa izitho zomzimba, eDukuduku, eMtubatuba ngempelasonto.

Le ntombazane ogama layo nguNomthandazo Dlamini (21), itholakale ngoMgqibelo ekuseni isongwe ngengubo kwelinye igumbi, kubo. Inyanga edumile endaweni yiyona esolwayo ngalesi sigameko, kanti kubikwa ukuthi ithathwe ngamaphoyisa ngawo uMgqibelo, yayohlohlwa ngemibuzo. Amaphoyisa ayishaqe kuwo lo muzi ithi iyokhalisa umndeni, ihamba nabanye omakhelwane.

Umufi ubefunda eVezobala High School, khona eMtubatuba. Kuvela ukuthi ucwiywe indlebe, amehlo nesitho sangasese.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, umsolwa uke wahlala kubo kamufi iminyaka, kodwa waxoshwa ngenxa yokungaziphathi kahle. Kuthiwa emuva kokuxoshwa kwakhe, akubange kusaba khona ukuzwana phakathi kwakhe nalo mndeni.

Akucaci ukuthi umufi ubulawe kanjani, njengoba kuthiwa belingekho igazi egunjini atholakale ecwiyiwe kulo, kodwa kusolakala ukuthi ubulawe kwenye indawo, wabe eseyobekwa kuleli gumbi.

UMnu Sipho Dlamini ongumfowabo kamufi, uthi basola ukuthi lesi sigameko senzeke ngesikhathi amanye amalungu omndeni ekomunye umuzi, lapho bekunomfundelo khona, wokulungiselela umshado.

“UNomthandazo nabanye bebezoya emfundelweni wokugcina ngoLwesihlanu kulo muzi obekuzoba nomshado kuwo. Abanye bahambile, yena nabanye basala ekhaya, bagcina bezumeka. Yena ubekwelinye igumbi ngesikhathi ehlelwa yilo mshophi.

“Sithe uma sivuka ekuseni, samthola esebulewe. Siyasola ukuthi umuntu owenze le nto umthathile wambulalela kwenye indawo, wabe esezombeka endlini ngoba alikho igazi endlini atholakale kuyona,” esho.

UDlamini uveze ukuthi okubenza basole inyanga, yingoba ike yaba nezinsongo ebizibhekise emndenini, kanti emuva kokutholakala kwesidumbu, kubonakele emzini wayo kuthuthwa impahla, kusengathi kuyabalekwa, ekubeni akekho umuntu obekhombe yona.

“Lo muntu othathwe ngamaphoyisa uke wahlala lapha ekhaya kusukela ngo-2010, efike evela eSwazini. Wafika lapha ekhaya ehluphekile, ubaba wamzwela ngoba ethi ungowakwaDlamini. Uhlale lapha ekhaya, kwathi ngokuhamba kwesikhathi, wangaziphatha kahle.

“Ubethinteka ezintweni ezingasile, okugcine kuholela ekutheni ubaba amyise enduneni, ayobika ukuthi akasamdingi emzini wakhe. Ube esethutha, waqoqa nezikhwama zakhe zobunyanga, wayokwakha umuzi wakhe.

“Kusukela exoshiwe ekhaya, bese kungasekho ukuzwana. Uke wafika lapha ekhaya waxabana nobaba, waze wasabisa ngokuqotha wonke umndeni. Lokhu ngezinye zezinto ezenza sisole ukuthi khona akwaziyo njengoba sekubulewe ingane.

“Ubaba akekho esimeni esikahle njengoba ubeyikhulisa yedwa ingane, selokhu kwashona umama isencane ngo-2008. Emuva kokutholakala kwengane ibulewe, inyanga ifikile nayo lapha ekhaya izokhalisa umndeni, yahlala yodwa ekhoneni.

“Amaphoyisa ayithathe khona lapho, ahamba nayo. Kuyiwe nasendlini yayo kwatholakaka ingubo (yokulala) inodaka, sengathi ibihudulwa phansi,” esho.

UMnu Mandla Gumede wenhlangano Iso leDukuduku, oyilungu leMtubatuba Civil Society ebhekele ukulwa nobugebengu uthe, bayasigxeka lesi sigameko. Uthe umndeni ubathintile wabazisa ngaso.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConst Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngemuva kokutholakala kowesifazane ebulewe kubo, kodwa akekho osaboshiwe. Uthi kukhona owesilisa othathwe ngamaphoyisa osaphoswa imibuzo.

Ezisematheni

Uchazwe njengesibusiso onikele ngoR200 000 esikoleni saseNanda

Uchazwe njengesibusiso onikele ngoR200 000 esikoleni saseNanda

UCHAZWE njengesibusiso esikoleni samabanga aphakeme Inanda Newtown Comprehensive High School usomabhizinisi onikele ngesamba sikaR200 000 ukusiza abafundi abadinga usizo nezidingo zesikole. UMnu Sandile Msomi ongumnikazi wezinkampani iQiniso Protection Services...

Ijaji ‘leseka’ umthetho welobolo osuqubule ingebhe

Ijaji ‘leseka’ umthetho welobolo osuqubule ingebhe

UGALAGALA lweJaji eselithathe umhlalaphansi, uMjabuliseni Madondo, lithi akukho okungalungile ngoMthetho wesiNtu, olawula umshado ohlanganisa amafa. INkantolo yoMthethosisekelo, isanda kuphasisa uMthetho othi, uma sekuke kwafika abakhongi, baqala izingxoxo zamalobolo,...

Lenyukile inani lezivakashi ngonyaka owedlule

Lenyukile inani lezivakashi ngonyaka owedlule

UNGQONQGOSHE wezokuVasha kuZwelonke, uNkk Patricia de Lille uzishaya isifuba ngokwenyuka kwesibalo sabantu abavakashe eNingizimu Afrika, ngonyaka odlule (2025). Ekhuluma esithangamini sabezindaba, uNkk de Lille, uthe zingu 10,4 million izivakashi ezitheleke ezweni...