Ilanga News
Home 9 Featured 9 Isigaba sesibili sokucishwa-kongiwa kukagesi

Isigaba sesibili sokucishwa-kongiwa kukagesi

by | 19 March 2025

INKAMPANI ehlinzeka ngogesi kuleli i-Eskom isimemezele ukuthi kubuya isigaba sesibili sokucishwa-kongiwa kukagesi (loadshedding) kusukela namuhla ngoLwesithathu kusihlwa.


Ngokwesitatimende esikhishwe yile nkampani, isigaba sesibili sizoqhutshwa kuze kube wu-05 kusasa ekuseni ngoLwesine.

“Nakuba sesihambe igxathu elibonakalayo ukubuyisa iziphehli ebezingasebenzi, i-Eskom ilahlekelwe ngama-unit amahlanu namuhla ntambama.


“Siyaqhubeka nokubeka phambili ukunakekelwa kweziphehlimandla zethu ukuze sikwazi ukwethembela kuzona ngesikhathi sobusika,” kusho i-Eskom.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...