Ilanga News
Home 9 Featured 9 Isigaba sesibili sokucishwa-kongiwa kukagesi

Isigaba sesibili sokucishwa-kongiwa kukagesi

by | 19 March 2025

INKAMPANI ehlinzeka ngogesi kuleli i-Eskom isimemezele ukuthi kubuya isigaba sesibili sokucishwa-kongiwa kukagesi (loadshedding) kusukela namuhla ngoLwesithathu kusihlwa.


Ngokwesitatimende esikhishwe yile nkampani, isigaba sesibili sizoqhutshwa kuze kube wu-05 kusasa ekuseni ngoLwesine.

“Nakuba sesihambe igxathu elibonakalayo ukubuyisa iziphehli ebezingasebenzi, i-Eskom ilahlekelwe ngama-unit amahlanu namuhla ntambama.


“Siyaqhubeka nokubeka phambili ukunakekelwa kweziphehlimandla zethu ukuze sikwazi ukwethembela kuzona ngesikhathi sobusika,” kusho i-Eskom.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...