Ilanga News
Home 9 Featured 9 UGodongwana uzokwethula isabelomali ‘ngaphansi kwengcindezi’

UGodongwana uzokwethula isabelomali ‘ngaphansi kwengcindezi’

by | 20 October 2026

UNGQONGQOSHE wezeMali eNingizimu Afrika, uMnu Enoch Godongwana, uzokwethula isitatimende sesabelomali, ngaphansi kwengcindezi yesimo somnotho esinzima emhlabeni ngenxa yempi esaqhubeka phakathi kwe-United States of America ne-Iran.

NgoLwesithathu uGodongwana kulindeleke ukuba ethule lesi sabelomali saphakathi nonyaka engaphansi kwengcindezi kwazise uphethiloli nodizili kusaqhubeka nokumba eqolo, kanti kulindeleke ukuba kuqhubeke nokwenyuka njengoba kuyiwa emaholidini okuphela konyaka.

USolwazi Bonke Dumisa ongumhlaziyi wezomnotho, uthe uGodongwana uzothwala kanzima njengoba kumele enze izinguquko zesabelomali saphakathi nonyaka ngesikhathi lapho kulindeleke ukuthi abe “nguMsamariya Ocwebileyo”, ukwethula umthwalo emahlombe abantu bakuleli. Uthe uGodongwana wethula lesi sitatimende lapho elakuleli libheke okhethweni lohulumeni basekhaya, futhi uphethiloli nodizili kusaqhubeka nokwenyuka.

“Nakuba ngingaboni ukuthi kukhona angakwenza ukwehlisa umthwalo kubantu, kodwa engikusolayo wukuthi angakwazi ukwenza isaphulelo sokuthi abantu bangakhokhi kakhulu ngokunyuka kukaphethiloli nodizili. Nakuba lokhu kungaba yisikhathi esifushane ngoba nohulumeni ubhekene nenkulu ingcindezi ngasohlangothini lwemali,” kusho uDumisa.

Uthe okumele abantu bakuqonde wukuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika awunayo imali. UDumisa uthi iNingizimu Afrika njalo ngonyaka ikhokha inzalo ka-R370 billion, kanti babalelwa cishe ku-8% abantu abakhokha intela ngokusemthethweni.

“Kulo 8% asibabali labo abadla izambane likapondo abadojayo, okuyibona okumele ngabe bayakhokha ngokugcwele intela. Kule mali etholwa kulo 8%, kumele yenze konke okuhlanganisa lesi sikweletu kuya kulabo abathola imali yesibonelelo ngokwehlukana kwabo,” esho.

UDumisa usole uMengameli waseMelika uMnu Donald Trump ngokudala umonakalo emazweni akhiqiza uwoyela omningi emhlabeni okubalwa i-Iran neVenezuela. Uthe kusazoba nzima oquqabeni njengoba kusazokwenyuka izimpahla ezitolo esikhathini lapho kubhekwe khona emaholidini kaKhisimusi.

Ezisematheni

Udilikajele kowadlwengula owesifazane (61) emvale umlomo

Udilikajele kowadlwengula owesifazane (61) emvale umlomo

INKANTOLO yeSifunda yaseVryheid igwebe udilikajele umdlwenguli, uJoseph Lebenya (41) ngoLwesibili  yaphinde yamnika iminyaka emihlanu ngecala lokugqekeza awenza elokishini iBhekuzulu, eVryheid ngomhlaka 17 kuZibandlela (December) 2023. Kuleli cala kuthiwa...

Undunankulu ukhala ngokwanda kwezibhamu eMlazi

Undunankulu ukhala ngokwanda kwezibhamu eMlazi

UKHALE ngokwanda kwezibhamu eMlazi uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli ngesikhathi esingethe Imbizo yokulwa nobugebengu ebise kundleni yezemidlalo yesikole iMenzi High School ngoLwesibili. UNtuli ubize le mbizo ngenhloso yokunxenxa umphakathi ukuthi...

Isishayamthetho sithi sikulungele ukufungisa uBarnes kusasa

Isishayamthetho sithi sikulungele ukufungisa uBarnes kusasa

USOMLOMO weSishayamthetho saKwaZulu-Natal, uNkz Nontembeko Boyce uthi uselinde ukuthi anikwe isinqumo sejaji elichithe uNkz Mbali Shinga esicelweni sokubuyekezwa kwecala lokuxoshwa kwakhe yiNational Freedom Party (NFP) ukuze kufungiswe umengameli waleli qembu. Lokhu...