Ilanga News
Home 9 Featured 9 Inkosi nesicelo ngophenyo ngokushona kukaMthethwa

Inkosi nesicelo ngophenyo ngokushona kukaMthethwa

by | 7 October 2025

NGUMNU Nathi Mthethwa obeyinxusa laseNingizimu Afrika eFrance.

INKOSI uZuzifa kaMangosuthu Buthelezi inxuse ukuba lusheshe luphothulwe uphenyo ngokudlula emhlabeni kobeyinxusa leNingizimu Afrika, eFrance, uMnu Nathi Mthethwa okusavele imibiko yokuthi uziphonse ebhilidini le-hhotela iHyatt, eParis, eFrance ngeledlule.

INkosi uButhelezi ibihambele umndeni waKwaMthethwa ngeSonto, ukuyobhonga emswanini, emuva kokwehla kwalo muga.

Ekhuluma nabezindaba emagcekeni aKwaMthethwa uButhelezi, uthe ukufika kwakhe kulo mndeni kungenxa yokuthi naye uzibala njengelungu lawo njengoba inkosikazi kaMthethwa inguMaButhelezi. Uthe uye kulo mndeni ehambisana nabanye abamnumzane nezinduna zakwaButhelezi, njengoba beganiselene.

Uveze ukuthi ufisa lusheshe luphothulwe uphenyo mayelana nokudlula emhlabeni kukaMthethwa, ukuze baqale benze amalungiselelo okusheshe bapholise izinhliziyo ngokwehlile.

“Konke lokhu okulokhu kubikwa kwabezindaba nasezinkundleni zokuxhumana, kuphazamisa kakhulu umndeni. Siyanxusa ukuba uphenyo luphothulwe ukuze sithole okuyikhona okwenzekile,” kusho iNkosi uZuzifa.

Kuningi osekubikiwe kusukela ngoMsombuluko owedlule ngesikhathi kusabalala imibiko ngokunyamalala kukaMthethwa njengoba kugcine kutholakala isidumbu sakhe kwelinye lamahhotela eParis ngoLwesibili.
Iziphathimandla zaseFrance ziqale uphenyo kusukela ngoLwesibili.

NgoLwesihlanu ibamba likangqongqoshe wamaphoyisa kuleli, uSolwazi Firoz Cachalia, lijube ithimba labaphenyi abanesipiliyoni, eliholwa nguMajor-General Bongani Maqashalala, oyiphini likakhomishana wabaphenyi eWestern Cape.

Leli thimba kulindeleke ukuba libambisane neziphathimandla zaseFrance, ukuthola umnyombo ngokufa kukaMthethwa. Kulindeleke ukuba kuleli sonto kuqale uhlelo lokubuyiswa kwesidumbu sikaMthethwa eNingizimu Afrika.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...