Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Isisulu esashaywa sifuna ajeze owoKhozi FM

Isisulu esashaywa sifuna ajeze owoKhozi FM

by | 18 January 2025

KUYAQHUBEKA nokubamnyama ngokubuyela emsakazweni komsakazi woKhozi FM uSiyabonga “Siya” Mhlongo obhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza owesilisa “oyisinqandamathe sakhe” njengoba lo wesilisa ethi ufuna icala lidlulele esigabeni sokuqulwa.

Ngeledlule leli uSiya ubevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, icala liguqele umhlaka 12 wenyanga ezayo lapho kuyohlala khona isigaba senkantolo esibizwa nge-Pre-trial Conference.

Kulesi sigaba yilapho ummangalelwa nommangali benikwa ithuba lokuba baxoxisane bazame ukuthola isixazululo icala lingaqulwa, nokuthathwa njengokonga izinsiza kusebenza nesikhathi senkantolo. Uma isixazululo singatholakali kuqhutshekwa nezihlelo zokuthi icala liyoqulwa okungaba ukushintshana kwezinhlangothi zomthetho ngamadokodo athinta icala abalulekile okungaba amazibithi (Exhibits) noma uhla lofakazi.

Kulo lolu hlelo yilapho kuvela khona uma kuzoba nobufakazi bama-video, izithombe noma otolika. ILANGA Lempelasonto likhulume nesisulu esingumfundi wezomthetho, salitshela ukuthi kasizimisele ukuxoxisana no-Siya kodwa sifuna kuqhubeke nokuqulwa kwecala, athole isijezo esifanele.


“Kusukela ngosuku lokuqala ngivule icala, kuze kube yimanje ngisamile ekutheni icala lizoqulwa. Akukho engizokuxoxa naye, udaba lwethu luyoze luphelele enkantolo. Ngiyazi ngolwazi lwami nje lwezomthetho ukuthi kubalulekile ukuthi icala lidlule kulesi sigaba (pre-trial conference), kodwa kakukho engizimisele ngokukuxoxa naye, icala kumele liqulwe, athole isijezo esimfanele,” kusho isisulu.


Ukuqulwa kwaleli cala kusho ukuthi uSiya akakazubuyela emsakazweni njengoba imithombo yaleli phephandaba engaphakathi emsakazweni yalibikela ukuthi iziphathimandla zomsakazo zakucacisa kuye uSiya ukuthi ikusasa lakhe nomsakazo lilele kwisinqumo secala.

Kuzokhumbuleka ukuthi lesi sigameko uSiya aboshelwe sona senzeka ngomhlaka 30 kuNcwaba (August) wonyaka owedlule lapho kuthiwa wavukwa yisikhwele washaya isisulu ngebhodlela le-Savanna esiphongweni.

Isisulu satshela leli phephandaba ukuthi ingxabano yasuka ngemuva kokuvaleliswa ngomunte wesilisa ongumngani wabo ababehleli naye kwenye yezindawo zobumnandi, emgwaqweni uFlorida, eThekwini. Lo wesilisa wavalelisa isisuku ngokuthi “mncwa mncwa” naso saphendula kanjalo okuyikho okwanenga uSiya.

Ezisematheni

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

UPHUMELE obala okokuqala ngemuva kwezinkulumo ezike zasabalala ngaye uDkt Mbuyiseni Ndlozi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ze-SABC ngeSonto. UNdlozi udalule usethathe isinqumo sokuhoxa kwipolitiki yamaqembu kodwa usaqhubeka nokusebenzela umphakathi kodwa ngendlela...

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

UMNDENI kaSosayensi waKwaNongoma, uNkz Senamile Masango, usubhalele uMongameli uMnu Cyril Ramaphosa incwadi ucela ukuba ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni wesigaba sesibili. Umndeni waKwaMasango uthi likhulu iqhaza elibanjwe yindodakazi yabo emkhakheni wezemfundo...

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

UCHAZWE njengom-Afrika obethanda izwe lakhe uDkt Sam Shafishuna Nujoma, owaba nguMengameli wokuqala wezwe laseNamibia ngemuva kwenkululeko yalo ngomhlaka 21 kuMarch wango 1990. Udlule emhlabeni esesibhedlela eWindhoek ngoMgqibelo ebusuku. Wakhethwa waba nguMengameli...