Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Isisulu esashaywa sifuna ajeze owoKhozi FM

Isisulu esashaywa sifuna ajeze owoKhozi FM

by | 18 January 2025

KUYAQHUBEKA nokubamnyama ngokubuyela emsakazweni komsakazi woKhozi FM uSiyabonga “Siya” Mhlongo obhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza owesilisa “oyisinqandamathe sakhe” njengoba lo wesilisa ethi ufuna icala lidlulele esigabeni sokuqulwa.

Ngeledlule leli uSiya ubevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, icala liguqele umhlaka 12 wenyanga ezayo lapho kuyohlala khona isigaba senkantolo esibizwa nge-Pre-trial Conference.

Kulesi sigaba yilapho ummangalelwa nommangali benikwa ithuba lokuba baxoxisane bazame ukuthola isixazululo icala lingaqulwa, nokuthathwa njengokonga izinsiza kusebenza nesikhathi senkantolo. Uma isixazululo singatholakali kuqhutshekwa nezihlelo zokuthi icala liyoqulwa okungaba ukushintshana kwezinhlangothi zomthetho ngamadokodo athinta icala abalulekile okungaba amazibithi (Exhibits) noma uhla lofakazi.

Kulo lolu hlelo yilapho kuvela khona uma kuzoba nobufakazi bama-video, izithombe noma otolika. ILANGA Lempelasonto likhulume nesisulu esingumfundi wezomthetho, salitshela ukuthi kasizimisele ukuxoxisana no-Siya kodwa sifuna kuqhubeke nokuqulwa kwecala, athole isijezo esifanele.


“Kusukela ngosuku lokuqala ngivule icala, kuze kube yimanje ngisamile ekutheni icala lizoqulwa. Akukho engizokuxoxa naye, udaba lwethu luyoze luphelele enkantolo. Ngiyazi ngolwazi lwami nje lwezomthetho ukuthi kubalulekile ukuthi icala lidlule kulesi sigaba (pre-trial conference), kodwa kakukho engizimisele ngokukuxoxa naye, icala kumele liqulwe, athole isijezo esimfanele,” kusho isisulu.


Ukuqulwa kwaleli cala kusho ukuthi uSiya akakazubuyela emsakazweni njengoba imithombo yaleli phephandaba engaphakathi emsakazweni yalibikela ukuthi iziphathimandla zomsakazo zakucacisa kuye uSiya ukuthi ikusasa lakhe nomsakazo lilele kwisinqumo secala.

Kuzokhumbuleka ukuthi lesi sigameko uSiya aboshelwe sona senzeka ngomhlaka 30 kuNcwaba (August) wonyaka owedlule lapho kuthiwa wavukwa yisikhwele washaya isisulu ngebhodlela le-Savanna esiphongweni.

Isisulu satshela leli phephandaba ukuthi ingxabano yasuka ngemuva kokuvaleliswa ngomunte wesilisa ongumngani wabo ababehleli naye kwenye yezindawo zobumnandi, emgwaqweni uFlorida, eThekwini. Lo wesilisa wavalelisa isisuku ngokuthi “mncwa mncwa” naso saphendula kanjalo okuyikho okwanenga uSiya.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...