Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ingwadla iMelika ihoxa ekubeni yingxenye yengqungquthela yeG20

Ingwadla iMelika ihoxa ekubeni yingxenye yengqungquthela yeG20

by | 9 November 2025

UMENGAMELI waseMelika uMnu Donald Trump uthi akukho sithunywa sezwe lakhe esizokuba yingxenye yengqungquthela yeG20 ezokuba ngomhla ka-22 no-23 kuLwezi (November) eGoli.

UTrump uyaqhubeka nokuthi eNingizimu Afrika kukhishwa inyumbazane futhi kubulawa amaBhunu, ikakhulukazi angabalimi, naphezu kokuba ezinyangeni ezedlule uMengameli Cyril Ramaphosa aziyela yena eMelika, nethimba lakhe, beyochazela uTrump ukuthi lokhu kungamampunge.

Phambilini iMelika ibithe iphini likaTrump, uMnu JD Vance, nguyena ozoza kuleli, ezomela izwe lakhe kule ngqungquthela.

“Kasikho nesisodwa isikhulu naseMelika esizoba yingxenye yeG20 yakulo nyaka, ezokuba seNingizimu Afrika, inqobo uma kusaqhutshekwa nokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu. Empeleni kuyichilo ukuthi le ngqungquthela ilethwe ezweni elifana naleli,” kusho uTrump.

NgoNhlaba (May) walo nyaka, iMelika yemukela iqeqebana lamaBhunu awu-49 asuka kuleli, eyobhaca (refugee) khona ngoba “ebalekela ukuhlukunyezwa nokubulawa kuleli”.

Sekukaningi uhulumeni waseNingizimu Afrika uchitha amahlebezi athi amaBhunu aphiliswa lubhojozi kuleli; njengoba “ebulawa, umhlaba wabo udliwa ngaphandle kwesinxephezelo”. Lawa mahlebezi aqubuke ngemuva kokuba kuphasiswe umthetho ogunyaza uhulumeni ukudla umhlaba ukuze kusizakale umphakathi, ngisho nangaphandle kwesinxephezelo (Expropriation Without Compensation) uma kufanele.

Okunye okwenze elakuleli laba nyamanambana neMelika yisenzo seNingizimu Afrika sokumangalela i-Israel kwi-International Court of Justice ngokuhlukumeza amalungelo abantu, empini ephakathi kwayo namaPalestine, eGaza. Uhulumeni kaTrump udlelana ne-Israel.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...