Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Ukhonjwa oKhozini uVee Mthembu, kuphelile ngoSgqemeza

Ukhonjwa oKhozini uVee Mthembu, kuphelile ngoSgqemeza

by | 18 March 2026

smart

UJOYINA uKhozi FM owodumo lokwethula izinhlelo zamakhwaya kumabonakude futhi ongumsakazi wesiteshi somphakathi esizinze eGoli iJozi FM uVee Mthembu.

ILANGA lithole ngomthombo walo ongaphakathi oKhozini ukuthi seziphothuliwe izingxoxo ezihambisana nezinguquko kulo msakazo njengoba phakathi kwazo kuvela negama likaVee.

Umthombo waleli phephandaba uveze ukuthi uVee uzoshayela uhlelo lwasekuseni ngokubambisana noMroza.

Uzovala isikhala esivuleke njengoba sekuphelile okuhlanganisa uSipho Sgqemeza Mbatha nalo msakazo.

Kuke kwabikwa ukuthi uSgqemeza ucele ukushayela uhlelo lwasebusuku kulo msakazo kodwa kwagcina kungavunyelwananga njengoba kugcine kuphoqa ukuthi kugqabuke igoda lobudlelwano leminyaka eyingxenye yalo msakazo.

Ezinye izinguquko ezilindelikile kulo msakazo njengoba kuzoqala u-April ngezokuthi zizoncipha izinsuku uDudu Lady D Khoza azongena ngazo emoyeni.

Umthombo uthe nakuba ungenaso isiqiniseko kodwa uveze ukuthi le nkakha yomsakazi ingase ingene kabili noma kathathu ngesonto.

Kuzokhumbuleka ukuthi uLady D ungena phakathi nezinsuku kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu kulo msakazo kanti kuvela ukuthi usazoqhubeka nokungena ngesikhathi esifanayo kodwa izinsuku ezimbalwa kunalezo abezingena phambilini.

Umthombo waleli phephandaba uphinde waveza nokuthi sekuphelile obekuhlanganisa uBonga Sphongo Dladla nalo msakazo.

USphongo ubesebenza njenge technical producer kulo msakazo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...