Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Itwetwe ngokushoda kukaphethiloli eNingizimu Afrika

Itwetwe ngokushoda kukaphethiloli eNingizimu Afrika

by | 19 March 2026

I-DEMOCRATIC Alliance isicele uNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi nezaMandla, uMnu Gwede Mantashe aphumele obala, acacise ngesimo sikaphethiloli ezweni.

Lokhu kulandela impi phakathi kwe-Iran ne-Israel, eyesekwa yiMelika eqhubekayo, osekwenze kwaba netwetwe ngomnotho waseNingizimu Afrika. Selokhu ziqalile lezi zimpi e-Iran, bekulokhu kunokwesaba ngokuthi lokhu kungaba namuphi umthelela kuleli.

Muva nje, kuvela ezithi ngenxa yalezi zimpi, intengi kaphethiloli ingase inyuke ize lifinyelele ku-R4 ilitha. Eminye imibiko esivuse elinye itwetwe wukuthi iNingizimu Afrika, ingase iphelelwa wuphethiloli. Phambilini uMantashe wehlisa abantu baseNingizimu Afrika amaphaphu, wathi asikho isidingo sokutatazela ngokuqhubeka e-Iran.

I-DA ikhiphe isitatimende, ifuna ungqongqoshe acacise ngophethiloli owongiwe yiNingizimu Afrika. Leli qembu lithi ungqongqoshe kumele anikeze abantu bakuleli ithemba lokuthi ngeke bafinyelele esigabeni lapho bezozithola khona beswela uphethiloli.

UMnu James Lorimer, oyilungu laleli qembu ePhalamende, uthe ngokomthetho, iNingizimu Afrika kumele ibe nenani likaphethiloli elondoziwe, elingakwazi ukusatshalaliswa ezweni kuze kuphele izinyanga ezimbili, uma kunokuphazamiseka, impilo iqhubeke.

ULorimer uthe kudala ukukhathazeka uma ungqongqoshe ehluleka wukuqinisekisa ubukhona baleli nani likaphethiloli owongiwe emphakathini. Uthe kumele acacise ngophethiloli leli zwe elinawo ogciniwe, lokhu akwenze ngokushesha njengoba lesi simo sesiqubule ukukhathazeka ebantwini bakuleli.

Uthe akukhona nje ukusho inani likaphethiloli kuphela, kodwa kumele acacise ukuthi uma kwenzeka kuba nokushoda, zikhona yini ezinye izindlela umnyango onazo ukuze leli zwe lingazitholi lisenkingeni.

“Uma kwenzeka ukuthi sizobhekana nokushoda kukaphethiloli, sinelungelo lokuthi sisheshe saziswe kusenesikhathi, ngoba lokhu kungaba nomthelela omubi emnothweni wezwe,” kusho uLorimer.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...