Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Itwetwe ngokushoda kukaphethiloli eNingizimu Afrika

Itwetwe ngokushoda kukaphethiloli eNingizimu Afrika

by | 19 March 2026

I-DEMOCRATIC Alliance isicele uNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi nezaMandla, uMnu Gwede Mantashe aphumele obala, acacise ngesimo sikaphethiloli ezweni.

Lokhu kulandela impi phakathi kwe-Iran ne-Israel, eyesekwa yiMelika eqhubekayo, osekwenze kwaba netwetwe ngomnotho waseNingizimu Afrika. Selokhu ziqalile lezi zimpi e-Iran, bekulokhu kunokwesaba ngokuthi lokhu kungaba namuphi umthelela kuleli.

Muva nje, kuvela ezithi ngenxa yalezi zimpi, intengi kaphethiloli ingase inyuke ize lifinyelele ku-R4 ilitha. Eminye imibiko esivuse elinye itwetwe wukuthi iNingizimu Afrika, ingase iphelelwa wuphethiloli. Phambilini uMantashe wehlisa abantu baseNingizimu Afrika amaphaphu, wathi asikho isidingo sokutatazela ngokuqhubeka e-Iran.

I-DA ikhiphe isitatimende, ifuna ungqongqoshe acacise ngophethiloli owongiwe yiNingizimu Afrika. Leli qembu lithi ungqongqoshe kumele anikeze abantu bakuleli ithemba lokuthi ngeke bafinyelele esigabeni lapho bezozithola khona beswela uphethiloli.

UMnu James Lorimer, oyilungu laleli qembu ePhalamende, uthe ngokomthetho, iNingizimu Afrika kumele ibe nenani likaphethiloli elondoziwe, elingakwazi ukusatshalaliswa ezweni kuze kuphele izinyanga ezimbili, uma kunokuphazamiseka, impilo iqhubeke.

ULorimer uthe kudala ukukhathazeka uma ungqongqoshe ehluleka wukuqinisekisa ubukhona baleli nani likaphethiloli owongiwe emphakathini. Uthe kumele acacise ngophethiloli leli zwe elinawo ogciniwe, lokhu akwenze ngokushesha njengoba lesi simo sesiqubule ukukhathazeka ebantwini bakuleli.

Uthe akukhona nje ukusho inani likaphethiloli kuphela, kodwa kumele acacise ukuthi uma kwenzeka kuba nokushoda, zikhona yini ezinye izindlela umnyango onazo ukuze leli zwe lingazitholi lisenkingeni.

“Uma kwenzeka ukuthi sizobhekana nokushoda kukaphethiloli, sinelungelo lokuthi sisheshe saziswe kusenesikhathi, ngoba lokhu kungaba nomthelela omubi emnothweni wezwe,” kusho uLorimer.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...