Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uhulumeni waKwaZulu-Natal nomkhankaso wokulwisana nokukhulelwa kwentsha

Uhulumeni waKwaZulu-Natal nomkhankaso wokulwisana nokukhulelwa kwentsha

by | 29 October 2025

BUKHATHAZEKILE ngokukhulelwa kwezingane nabantu abasha ubuholi bukahulumeni waKwaZulu-Natal. Lokhu kuvele ngoLwesibili ngesikhathi uNdunankulu uMnu Thami Ntuli ngokubambisana nongqogqoshe bakhe abane abangaphansi kweSocial Cluster, okungowezempilo, owezokuthuthukiswa komphakathi, owezolimo nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya, owezemfundo nowezemidlalo, amaciko namasiko bethula okokuqala uhlelo lokulwisana nokukhulelwa kwentsha.

Lolu hlelo lwethulwe eGamalakhe, ePort Shepstone, ngaphansi kwesifunda Ugu kanti luzosabalala kuso sonke isifundazwe.

UNdunankulu uthi uveze izibalo ezishaqisayo ngokukhulelwa kwabantu abasha nezingane esikhathini esiyizinyanga eziwu-8 ngonyaka owedlule.

“Izibalo zokukhulelwa kwentsha esifundazweni ziyashaqisa. Phakathi kuka-Ephreli noDisemba nyakenye, zingu-26 515 intsha eyakhulelwa. Okuthusa kakhulu ukuthi engu-1 254 yayo ineminyaka engaphansi kuka-14,” esho.

Unxuse ubambiswano phakathi kwezakhamizi zakulesi sifundazwe ukuze kuqedwe lesi sihlava.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...