Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uhulumeni waKwaZulu-Natal nomkhankaso wokulwisana nokukhulelwa kwentsha

Uhulumeni waKwaZulu-Natal nomkhankaso wokulwisana nokukhulelwa kwentsha

by | 29 October 2025

BUKHATHAZEKILE ngokukhulelwa kwezingane nabantu abasha ubuholi bukahulumeni waKwaZulu-Natal. Lokhu kuvele ngoLwesibili ngesikhathi uNdunankulu uMnu Thami Ntuli ngokubambisana nongqogqoshe bakhe abane abangaphansi kweSocial Cluster, okungowezempilo, owezokuthuthukiswa komphakathi, owezolimo nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya, owezemfundo nowezemidlalo, amaciko namasiko bethula okokuqala uhlelo lokulwisana nokukhulelwa kwentsha.

Lolu hlelo lwethulwe eGamalakhe, ePort Shepstone, ngaphansi kwesifunda Ugu kanti luzosabalala kuso sonke isifundazwe.

UNdunankulu uthi uveze izibalo ezishaqisayo ngokukhulelwa kwabantu abasha nezingane esikhathini esiyizinyanga eziwu-8 ngonyaka owedlule.

“Izibalo zokukhulelwa kwentsha esifundazweni ziyashaqisa. Phakathi kuka-Ephreli noDisemba nyakenye, zingu-26 515 intsha eyakhulelwa. Okuthusa kakhulu ukuthi engu-1 254 yayo ineminyaka engaphansi kuka-14,” esho.

Unxuse ubambiswano phakathi kwezakhamizi zakulesi sifundazwe ukuze kuqedwe lesi sihlava.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...