Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kuteleke abadlali beRoyal AM bekhala ngomholo kaDisemba

Kuteleke abadlali beRoyal AM bekhala ngomholo kaDisemba

by | 7 January 2025

Kuhlehliswe umdlalo weRoyal AM neChippa United kuteleka abadlali be-AM, beduba umsebenzi, bekhala ngokungayitholi imiholo yabo yangoDisemba. Lo mdlalo bekumele ugijinywe ngoMgqibelo eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.

Ngokombiko weSABC Sport, akekho umdlali we-AM ovukele ejimini kuleli sonto, ngenxa yenkinga yamaholo, kanti kubukeka sengathi akekho ozokuba khona ukubhekana neChippa.

NgoMsombuluko ebusuku iChippa ikhiphe isitatimende ichaza ngokuhlehliswa kwalo mdlalo, ikhala ngokuthi kayinikwanga isizathu sokuhlehliswa kwawo, futhi kayinikwanga nethuba lokuphawula ngalokhu ngaphambi kokukhishwa kwalesi inqumo.

IThwihli Thwahla ibhekene nezinkinga eziningi njengoba yagwetshwa yiFifa ukungasayini abadlali abasha njengoba ikweleta umgadli waseSerbia uSamir Nurkovic u-R15 million. Umphathi wayo uShauwn Mkhize ubhekene nengwadla njengoba kuthiwa ukweleta iSARS imali elinganiselwa ku-R40 million ngenxa yentela engakhokhiwe.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...