Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kuteleke abadlali beRoyal AM bekhala ngomholo kaDisemba

Kuteleke abadlali beRoyal AM bekhala ngomholo kaDisemba

by | 7 January 2025

Kuhlehliswe umdlalo weRoyal AM neChippa United kuteleka abadlali be-AM, beduba umsebenzi, bekhala ngokungayitholi imiholo yabo yangoDisemba. Lo mdlalo bekumele ugijinywe ngoMgqibelo eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.

Ngokombiko weSABC Sport, akekho umdlali we-AM ovukele ejimini kuleli sonto, ngenxa yenkinga yamaholo, kanti kubukeka sengathi akekho ozokuba khona ukubhekana neChippa.

NgoMsombuluko ebusuku iChippa ikhiphe isitatimende ichaza ngokuhlehliswa kwalo mdlalo, ikhala ngokuthi kayinikwanga isizathu sokuhlehliswa kwawo, futhi kayinikwanga nethuba lokuphawula ngalokhu ngaphambi kokukhishwa kwalesi inqumo.

IThwihli Thwahla ibhekene nezinkinga eziningi njengoba yagwetshwa yiFifa ukungasayini abadlali abasha njengoba ikweleta umgadli waseSerbia uSamir Nurkovic u-R15 million. Umphathi wayo uShauwn Mkhize ubhekene nengwadla njengoba kuthiwa ukweleta iSARS imali elinganiselwa ku-R40 million ngenxa yentela engakhokhiwe.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...