
IKOMIDI lasePhalamende elilalela izinsolo zokugxambukela kosopolitiki, ekusebenzeni kwezinhlaka zomthetho, linengcindezi yokubeka owayengungqongqoshe wamaphoyisa, uMnu Bheki Cele, amacala.
Leli komidi libekelwe umhla ka-30 kuMfumfu (October), ukuphothula umsebenzi walo. USihlalo walo, uMnu Molapi Lekganyane, uthi ngisho namalungu e-ANC akuleli komidi, ayavumelana ngokuthi izinsolo ezibhekiswe kuCele ziphenywe kabanzi.
Usomabhizinisi oboshiwe, uMnu Vusumuzi “Cat” Matlala, watshela amalungu aleli komidi eseKgosi Mampuru Correctional Centre, ePretoria, ukuthi wanika uCele u-R500 000, ngo-2025. UMatlala uthi ngoMasingana (January) ka-2025, wanika uCele u-R300 000, waphinde wamnika u-R200 000 ngoNdasa (March) wangawo lowo nyaka.
Ebukafazini bakhe, uMatlala wathi wayefuna uCele amsize ukuthi kubuyiswe izibhamu ezathathwa ngamaphoyisa endaweni ayehlala kuyo, eWaterkloof, ePretoria, nokuthi amvikele amaphoyiseni ayemhlukumeza. UCele ngesikhathi evela kuleli komidi, waphika ukuthi ikhona imali ayithola kuMatlala.
Wathi uMatlala wamtshela ukuthi iphini likakhomishana wamaPhoyisa, elimisiwe emsebenzini, uJenene Shadrack Sibiya, lalimphoqa ukuthi enze isitatimende esifungelwe, esibheca isikhulu soPhiko lwezobuNhloli, uJenene Dumisani Khumalo. Ngemuva kwalezi zinsolo ezibhekiswe kuCele, amanye amalungu ekomidi namaqembu aphikisayo ePhalamende, sebefake ingcindezi yokuthi lezi zinsolo ziphenywe kabanzi.
UCele wake waba yilungu lesigungu esiphezulu le-ANC. Ikomidi elibhekelele ukuziphatha kwamalungu kaKhongoloze (i-ANC Intergrity Commission), lithi lifuna uCele, achaze ngobudlelwano bakhe noMnu Matlala. UCele wavuma ukuthi walala endaweni kaMatlala, ePretoria, izikhawu ezimbili. Ikomidi kulindeleke lethule umbiko kuSomlomo wePhalamende, uNkk Thoko Didiza.






