Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uzobuyela ngelizayo enkantolo obhekene namacala awu-7 okudlwengula izingane

Uzobuyela ngelizayo enkantolo obhekene namacala awu-7 okudlwengula izingane

by | 5 June 2026

NGAMALUNGU omphakathi ebhikisha ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseNsuze.


APHUME edangele eNkantolo yeMantshi yaseNsuze amalungu omphakathi waseMatholampemvu, eNdwedwe, kuhlehla icala lomlisa osolwa ngokudlwengula inqwaba yezingane zakomakhelwane.

Izolo umphakathi wakule ndawo ubuphume ngobuningi bawo njengoba bekulindeleke ukuba umsolwa afake isicelo sebheyili. Umphakathi obuthukuthele ugane unwabu ububhikisha ngaphandle kwenkantolo uphikisana nokuthi umsolwa athole ibheyili, uphethe nezingqwembe.

Umphakathi ukubeke kwacaca ukuthi kawufuni adedelwe umsolwa, obhekene namacala angu-7 okudlwengula nokunukubeza ngokocansi izingane. Nokho kugcine kungaqhubekanga ukulalelwa kwesicelo sebheyili ngoba kuthiwa amadokodo kawafikanga enkantolo, njengoba kusaqhubeka uphenyo lwamaphoyisa kwazise sekwengezwe namanye amacala.

Icala ligcine lihlehliselwa umhla zingu-10 kuyona le nyanga nalapho kulindeleke ukuba kuqalwe ululalelwa kwesicelo sebheyili. Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA like labika ngalolu daba ngeledlule nalapho kuvele khona ukuthi izingane asolwa ngokuzidlwengula ziphakathi kweminyaka engu-4 kuya kwengu-12 ubudala kanti zonke ngezomkhelwane bomsolwa.

Kusolwa ukhuthi wayezibizela egunjini lakhe lokulala, bese ezidlwengula. Kwesinye isigameko kubikwa ukuthi wayebuye azivalele ngazimbili ekamelweni lakhe, bese ezidlwengula. Unina wesinye sezisulu ubonge umphakathi ngokubeseka kulesi sikhathi, wathi uyethemba nangesonto elizayo uzophinde uphume ngobuningi bawo.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...