
APHUME edangele eNkantolo yeMantshi yaseNsuze amalungu omphakathi waseMatholampemvu, eNdwedwe, kuhlehla icala lomlisa osolwa ngokudlwengula inqwaba yezingane zakomakhelwane.
Izolo umphakathi wakule ndawo ubuphume ngobuningi bawo njengoba bekulindeleke ukuba umsolwa afake isicelo sebheyili. Umphakathi obuthukuthele ugane unwabu ububhikisha ngaphandle kwenkantolo uphikisana nokuthi umsolwa athole ibheyili, uphethe nezingqwembe.
Umphakathi ukubeke kwacaca ukuthi kawufuni adedelwe umsolwa, obhekene namacala angu-7 okudlwengula nokunukubeza ngokocansi izingane. Nokho kugcine kungaqhubekanga ukulalelwa kwesicelo sebheyili ngoba kuthiwa amadokodo kawafikanga enkantolo, njengoba kusaqhubeka uphenyo lwamaphoyisa kwazise sekwengezwe namanye amacala.
Icala ligcine lihlehliselwa umhla zingu-10 kuyona le nyanga nalapho kulindeleke ukuba kuqalwe ululalelwa kwesicelo sebheyili. Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA like labika ngalolu daba ngeledlule nalapho kuvele khona ukuthi izingane asolwa ngokuzidlwengula ziphakathi kweminyaka engu-4 kuya kwengu-12 ubudala kanti zonke ngezomkhelwane bomsolwa.
Kusolwa ukhuthi wayezibizela egunjini lakhe lokulala, bese ezidlwengula. Kwesinye isigameko kubikwa ukuthi wayebuye azivalele ngazimbili ekamelweni lakhe, bese ezidlwengula. Unina wesinye sezisulu ubonge umphakathi ngokubeseka kulesi sikhathi, wathi uyethemba nangesonto elizayo uzophinde uphume ngobuningi bawo.







