Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uzodilikelwa yijele owesifazane obulale ingane yakhe

Uzodilikelwa yijele owesifazane obulale ingane yakhe

by | 11 March 2026

UGWETSHWE udilikajele owesifazane oneminyaka ewu-22, wasoSizweni, eNewcastle, kulandela ukugonyuluka ngokubulala ingane yakhe eyayinonyaka owodwa izelwe.

INkantolo yesiFunda yaseMadadeni igwebe lona wesifazane ngalesi sigameko esenzeka ziwu-12 kuMfumfu (October) wangonyaka odlule, ngesikhathi ingane isele naye endlini. Ngokwesitatimende seNational Prosecuting Authority, (NPA), ingane yayihleli nabazali bayo ngosuku lwesigameko, uyise wayo wabashiya bobabili bedlala endlini. 

Kuthiwa uyise wengane wabuya wafica unina wayo eyigonile, waqaphela ukuthi ingane yayinganyakazi, ngisho isishintshwa inabukeni. Kuthiwa lona wesifazane wabe esetshela uyise wengane ukuthi useyahamba, kodwa ngaphambi kokuba ahambe, uyise wathi makaqale ayivuse ingane. 

Kuthiwa ingane kayizange ivuke, uyise wayo wabiza omakhelwane ukuba bazombukisa. Kuthiwa omakhelwane bafike bakuqinisekisa ukuthi ingane isishonile, kwabizwa i-ambulensi namaphoyisa, kwaqinisekiswa ukuthi ishonile, zabe sezimkhalela unina wengane. 

Ngokwasenkantolo, kuvele ukuthi umbiko wokuhlolwa kwesidumbu, waveza ukuthi ingane yabulawa ngokuncishwa umoya. Ngesikhathi unina wengane egonyuluka ngakwenza, utshele inkantolo ukuthi isizathu esamenza wagila lo mhlola, yingoba wayekade exabene noyise wayo. 

Enkantolo umbuso uphakamise ukuthi athole isigwebo esiqinile. umshushisi uthe, wayengenza ngenye indlela ehlukile kunokuba abulale ingane. Khona enkantolo, uyise wengane obengufakazi wombuso, uvezele inkantolo ukuthi usathuthumela ngemuva kwalesi sigameko, futhi sesimenze wangabethemba abantu besifazane.

Esitatimendeni, iNPA iveze ukuthi izimisele ukugcina umthetho ngaphandle kokwenzelela nokwesaba. Ithe izoqhubeka ivikele amalungelo abantu, ikakhulukazi izingane nabanye ababuthaka.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...