INTATHELI YELANGA
AMEHLO ezinhloli zekilabhu yaseGermany, i-FC Augsburg, egijima kwiBundesliga, athe njo kwiBetway Premiership ngenhloso yokuhlwaya abadlali abangaba wusizo kuyona ngelinye ilanga. Lokhu kuvezwe ngumqeqeshi wale kilabhu, uJess Thorup (osesithombeni) ngoLwesihlanu, othe bakhona abadlali aseke wababona kule ligi, bamchaza.
I-Augsburg, elele endaweni ka-10 ngamaphuzu awu-42 kwi-log – enamakilabhu awu-18 – emidlalweni ewu-29, ithole amaphuzu agcwele sekuvalwe amehlo ngoMgqibelo, ihlula iVFL Bochum. Ishaye igoli lokunqoba ngomzuzu ka-90 yize ibingasaphelele, emuva kokuba u-Arne Maier ekhishwe ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-81. IBochum ilengelwa yizembe njengoba isendaweni ka-17 ngamaphuzu awu-20 emidlalweni efanayo.

UThorup ukhuluma kanjena nje, le kilabhu iwenzele eNingizimu Afrika amalungiselelo okuqala kwale sizini, ngoJuly nyakenye, obekungokokuqala iwenzela ngaphandle kwase-Europe. Ibiyingxenye yeMpumalanga Premier’s Cup lapho iguqise khona iYoung Africans yaseTanzania ngo-2-1, yona yahlulwa yiTS Galaxy ngo-2-1.
Uveze ukuthi inhloko yezinhloli zekilabhu yakhe ibikhona kulo mqhudelwano, futhi wakuqinisekisa ukuthi bayayilandela iligi yakuleli ngenhloso yokuhlwaya abadlali.
“Sigadulisane namakilabhu amabili, sabona nokuthi kukhona esingakufunda emakilabhini ase-Afrika, esingakusebenzisa endleleni esidlala ngayo. Neligi yakhona siyayilandela, hleze singathola abadlali esingabasebenzisa ngelinye ilanga. Ngicabanga ukuthi bakhona abadlali abambalwa abasichazile, kanti-ke izinhloli zethu ziyayilandela iligi (yaseNingizimu Afrika),” esho.