
UBUHOLI obusha be-ANC KwaZulu-Natal buzethule okokuqala phambi kweSilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini, esigodlweni KwaKhangelamankengane KwaNongoma. NgoLwesibili ubuholi baleli qembu obusanda kuqokwa ukuba butakule i-ANC esifundazweni emuva kokubhacaza okhethweni lukazwelonke nezifundazwe ngonyaka odlule, butheleke esigodlweni buholwa nguMnu Jeff Radebe oyiSihlalo (Provincial Convenor).
Inhloso yokuhambela kwe-ANC esigodlweni bekuwukuqinisa ubudlelwane phakathi kwayo nobuholi bendabuko.
Ekhuluma nabezindaba uMnu Mike Mabuyakhulu onguNobhala (Provincial Co-ordinator) waleli qembu KwaZulu-Natal uthe inhloso enkulu wukuba kuvuselelwe ubudlelwano obudala. Uthe kusukela emlandweni lisungulwa leli qembu iNdlunkulu kaZulu yanikela ngomhlambi wezinkomo ngenhloso yokufaka isandla ekwakhiweni kombutho wabantu abamnyama.
“Sizokhuleka lphambi kweSilo samaBandla ngenhloso yokukhombisa inhlonipho ngobuholi bomdabu. ISilo uDinuzulu sasibambisene kahle kakhulu nabaholi bakaKhongolose. Ekusungulweni kwayo i-ANC amakhosi aba nesandla esikhulu. Anikele ngemihlambi yezinkomo ngoba kusungulwa umbutho wabantu abamnyama. Lena yinhlangano ebazisayo ubuholi bendabuko,” kusho uMabuyakhulu.
Okhulumela iSilo samaZulu uMntwana uNathi Zulu uthe iNgonyama ibanike umyalelo wokuba bangakhohlwa lapho bevela khona.”Batsheliwe ukuthi leli qembu lasungulwa ngesandla salapha ekomkhulu lesizwe samaZulu. Uma sekubehlula ukulihola kuyofanele balibuyise lapha esigodlweni. Kufanele babeke phambili izidingo zomphakathi,” kuphetha uMntwana uNathi.