INTATHELI YELANGA
UMAKADEBONA kwezokuqeqesha, uGordon Igesund – owake wayibamba nakwiBafana Bafana – uveza inkinga edala ukuba iKaizer Chiefs yehluleke wukunqoba isicoco seligi, eyagcina ukusiqukula ngesizini ka-2014/15, isalolongwa nguStaurt Batxer.
Ngokubika kweDiski Times, u-Igesund uthi inkinga yamakilabhu afana neChiefs wukuthi ashintsha abadlali nabaqeqeshi, cishe unyaka nonyaka.
“Lokho-ke ngeke kukusize ukunqoba iligi. IChiefs idinga ukuqasha umuntu ezomnika umbandela oqinile wokuthi awine iligi. Kumele ithi ‘yilokho nje esikufuna kuwena, futhi sizokweseka ngayo yonke indlela oyifunayo’. Kodwa-ke uma uzothola umqeqeshi osazoqala afunde isiko lekilabhu nabadlali bayo – njengoba (iChiefs) yenzile – uzobhekana nenkinga. Lokho kusho ukuthi kawunawo amandla okunqanda iSundowns,” kusho u-Igesund.

Ukhuluma kanjeka nje u-Igesund, iChiefs isishintshe inqwaba yabaqeqeshi eminyakeni ewu-10. Kulaba baqeqeshi kubalwa uSteve Komphela, uPatrick Mabedi (owayebambile), uGianni Solinas, u-Ernst Middendorp, uGavin Hunt no-Arthur Zwane – njengoba isiphekwa nguNasreddine Nabi.
U-Igesund uqhube ngokuthi enye inselelo ebhekene namakilabhu wukuthi asebashaya indiva abaqeqeshi abanesipiliyoni sokunqoba iligi. Wenze isibonelo ngomqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, wathi isipiliyoni sakhe senze umehluko omkhulu kuleli qembu lesizwe laseNingizimu Afrika.

“Kasikhokhelwa isipiliyoni sezokuqeqesha. Buka nje uBroos, uyawushaya umsebenzi wakhe. Unobuhlakani, usemnkantshubomvu, yingakho iqembu lethu lesizwe lenza kahle. Amakilabhu ethu kumele akuqonde ukuthi ngeke amelane neSundowns uma egijima ngenjejane, nabaqeqeshi abangamaklume. Udinga abantu asebenesipiliyoni, futhi asebeke bayiwina iligi. Ngasuka kwiPirates, ngaya kwiSantos, ngaqukula iligi. Ngayinqoba futhi neSundowns, yangiphunyuka ngomdlalo wokugcina sengiqeqesha iSwallows,” esho.
Lo mqeqeshi waqala ukuqeqesha kwi-African Wanderers, waqukula iligi neManning Rangers ngesizini ka-1996/97, ngaphambi kokuya kwiBucs, iSantos, i-Ajax Cape Town, iSundowns neSwallows ukubala ambalwa. Uqukula igili neRangers nje, le kilabhu yaqala imidlalo yeligi kunengebhe yokuthi hleze iye ehlathini kwazise yayikade ibhujiswe yiChiefs ngo-9-1 kwiCoca Cola League Challenge – eyayandulela ukuqala kwesizini yokuqala ngqa yePremier Soccer League (PSL).
Esagijima enkundleni u-Igesund, wayengumgadli weDurban City (endala), AmaZulu neD’Alberton Callies ukubala ambalwa. Ngesizini ka-2011/12, wagila izimanga emuva kokuvusa emaqandeni iSwallows – eyayikade isinde ezembeni ngesizini ka-2010/11 – wayibeka endaweni yesibili.






