Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Kuphothuliwe ukumakwa kwamaphepha ka-matric

Kuphothuliwe ukumakwa kwamaphepha ka-matric

by | 22 December 2024

ZIGCULISEKILE izinyunyana zothisha ngokuphothulwa kohlelo lokumakelwa kwabafundi bakamatikuletsheni amaphepha okuhlolelwa kwabo ukuphela konyaka ngaphandle kwezihibe. Othisha baqale ngoLwesibili ukwenza lo msebenzi wokumaka kanti ngoLwesithathu bekuhanjiswa emahhovisi ezifunda amaphepha abekade emakwa ayogcinwa khona. UMengameli weNational Teachers Union (Natu) uMnu Sbusiso Malinga uthi bajabule kakhulu ngokuthi alikho nelilodwa ilungu labo elibike izinkinga ezikhungweni obekumakelwa kuzona. Uthi isigameko esisodwa esibikiwe, sithinta uthisha obemaka esifundazweni eGauteng.


“Sijabule kakhulu ukuthi KwaZulu-Natal azikho izinkinga ezibikwe wothisha ngoba ngokuvamisile, kuyakhalwa ngempatho engeyinhle nesimo esingagculisi sezikhungo okumakelwa kuzona. Kulo nyaka luqalwe kahle uhlelo lwaze lwaphetha, akukho okusimangaze ngesikhathi kuqhubeka ukumaka,” kusho uMalinga. Utshele leli phephandaba ukuthi izinhlaka zezemfundo zizokwethulelwa ngoMgqibelo umbiko ophelele ngalolu hlelo. UNobhala weSouth AFrican Democratic Teachers Union (Sadtu) KwaZulu-Natal uNkz Nomarashiya Caluza uthi akukho abakhala ngakho.


“Sesilindele emnyangweni ukuzwa uma kukhona okuyizinsolo ezithile mhlawumbe okuqashelwe wothisha ngesikhathi bemaka amaphepha. Okwamanje asikhali ngalutho, umnyango ulusingathe kahle uhlelo lokumaka,” esho. Abafundi ababhale izivivinyo ngokugcwele kulesi sifundazwe, bawu-172 433, ababhale ngezikhathi ezikhethekile (Part time) bawu-18 019.

Kuzwelonke abafundi ababhalile bawu-727 000 kwathi ababhale ngezikhathi ezithile bawu-155 215. Ngesikhathi kubhalwa, KwaZulu-Natal bawu-6 434 ebekade begade izivivinyo, emakilasini awu-7 710 okubhalelwe kuwona. Kugaywe amaphepha awu-3 Million. Ziwu-32 izikhungo okumakelwe kuzona amaphepha, othisha bawu-7614 abamakile. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Muzi Mahlambi uthi bajabule ngokuthi luphothulwe kahle uhlelo lokumaka.
“Sibonga othisha bethu abasebenze ngokuzimisele, bawuphatha ngobuyonicho umsebenzi wabantwana,” kusho uMnu Mahlambi.


UMnyango bekade uqashe ama-Senior maker awu-1517, ama-Deputy Chief Markers awu-300, ama-Chief Markers awu-67, ababheka umsebenzi ngaphakathi abawu-87(Moderators), amasekele ezimenenja akulezi zikhungo eziwu-32, awu-64 nabasizi bangaphakathi abawu-2100. Zonke izikhungo zokumaka zizovalwa mhlaka-18 kule nyanga. UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube, uzomemezela imiphumela yabafundi mhlaka-14 kusihlwa kuMasingana (January) ngonyaka ozayo.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Induna isola u-Dkt Zweli  Mkhize ngokugaqela isikhundla

Induna isola u-Dkt Zweli Mkhize ngokugaqela isikhundla

ISUSE ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana enye yezinduna zezinsizwa kwaMandlakazi, kwaNongoma, uMnu Nkosikhona Ndabandaba, odume ngelikaPhakel'umthakathi. UPhakel'umthakathi onabalandeli abaningi ku-facebook, usole uDkt. Zweli Mkhize, ngokugaqela isikhundla eNdlunkulu...

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

KULINDELEKE ukuba ivele ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu 'inkabi' esolwa ngosebenzisana nephoyisa lase-siteshini saseMzimkhulu oSayitsheni Ntokozo Mngqithi, obhekene necala lokubulala ingoduso yakhe uSayitsheni Ntombi Mbanjwa, eyayiyiphoyisa khona...