Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Kuphothuliwe ukumakwa kwamaphepha ka-matric

Kuphothuliwe ukumakwa kwamaphepha ka-matric

by | 22 December 2024

ZIGCULISEKILE izinyunyana zothisha ngokuphothulwa kohlelo lokumakelwa kwabafundi bakamatikuletsheni amaphepha okuhlolelwa kwabo ukuphela konyaka ngaphandle kwezihibe. Othisha baqale ngoLwesibili ukwenza lo msebenzi wokumaka kanti ngoLwesithathu bekuhanjiswa emahhovisi ezifunda amaphepha abekade emakwa ayogcinwa khona. UMengameli weNational Teachers Union (Natu) uMnu Sbusiso Malinga uthi bajabule kakhulu ngokuthi alikho nelilodwa ilungu labo elibike izinkinga ezikhungweni obekumakelwa kuzona. Uthi isigameko esisodwa esibikiwe, sithinta uthisha obemaka esifundazweni eGauteng.


“Sijabule kakhulu ukuthi KwaZulu-Natal azikho izinkinga ezibikwe wothisha ngoba ngokuvamisile, kuyakhalwa ngempatho engeyinhle nesimo esingagculisi sezikhungo okumakelwa kuzona. Kulo nyaka luqalwe kahle uhlelo lwaze lwaphetha, akukho okusimangaze ngesikhathi kuqhubeka ukumaka,” kusho uMalinga. Utshele leli phephandaba ukuthi izinhlaka zezemfundo zizokwethulelwa ngoMgqibelo umbiko ophelele ngalolu hlelo. UNobhala weSouth AFrican Democratic Teachers Union (Sadtu) KwaZulu-Natal uNkz Nomarashiya Caluza uthi akukho abakhala ngakho.


“Sesilindele emnyangweni ukuzwa uma kukhona okuyizinsolo ezithile mhlawumbe okuqashelwe wothisha ngesikhathi bemaka amaphepha. Okwamanje asikhali ngalutho, umnyango ulusingathe kahle uhlelo lokumaka,” esho. Abafundi ababhale izivivinyo ngokugcwele kulesi sifundazwe, bawu-172 433, ababhale ngezikhathi ezikhethekile (Part time) bawu-18 019.

Kuzwelonke abafundi ababhalile bawu-727 000 kwathi ababhale ngezikhathi ezithile bawu-155 215. Ngesikhathi kubhalwa, KwaZulu-Natal bawu-6 434 ebekade begade izivivinyo, emakilasini awu-7 710 okubhalelwe kuwona. Kugaywe amaphepha awu-3 Million. Ziwu-32 izikhungo okumakelwe kuzona amaphepha, othisha bawu-7614 abamakile. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Muzi Mahlambi uthi bajabule ngokuthi luphothulwe kahle uhlelo lokumaka.
“Sibonga othisha bethu abasebenze ngokuzimisele, bawuphatha ngobuyonicho umsebenzi wabantwana,” kusho uMnu Mahlambi.


UMnyango bekade uqashe ama-Senior maker awu-1517, ama-Deputy Chief Markers awu-300, ama-Chief Markers awu-67, ababheka umsebenzi ngaphakathi abawu-87(Moderators), amasekele ezimenenja akulezi zikhungo eziwu-32, awu-64 nabasizi bangaphakathi abawu-2100. Zonke izikhungo zokumaka zizovalwa mhlaka-18 kule nyanga. UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube, uzomemezela imiphumela yabafundi mhlaka-14 kusihlwa kuMasingana (January) ngonyaka ozayo.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

UMLINGISI wakumabonakude uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi. Enhlangnweni ayisungulile engenzinzuzo iNokusa Support for Disabled People uthi ibhekela izidingo iphinde futhi...