Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Izonekelwa izwe impilo kaThinah Zungu

Izonekelwa izwe impilo kaThinah Zungu

by | 13 December 2024

LUCKY CAIN

KUZONEKELWA umphakathi okwenzeka ngaphakathi esitezi somculi we-gospel, uThinah Zungu njengoba esezoba nohlelo lomndeni wakhe esiteshini sikamabonakude, uMzansi Magic. 

UThinah – owaziwayo ngokuchoma ngomuzi wakhe oyisitezi ezinkundleni zokuxhumana – uzoveza impilo yakhe kulolu hlelo oluthi “Thinah SingoZungu”, oluzoqala ukukhonjiswa mhla ka-16 February 2025. 

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uThinah,uthe yiso lesi siteshi esixhumane naye ngenhloso yokuthi anekele izwe impilo yakhe ngaphandle kokuba ngumculi, aveze konke ngaye. Uthe ngenxa yokuthi kuningi abantu abangakwazi ngaye, ubone kuyithuba elihle leli lokuba bangagcini ngokumazi njengoThinah ongomculi kuphela, kodwa bazi ngempilo yakhe ngaphandle kwawo. 

“Ngaphandle kokuba ngumculi, ngingumyeni kumkami nobaba ezinganeni zami, kanti muva nje ngisanda kuvula nebandla. Zonke lezi zinhlangothi zempilo yami abantu bazozibona, futhi babone nakho konke okwenzeka ngaphakathi esitezi,” esho. UThinah unendodana engenisa mawala emculweni, uNdumiso, esinezingoma zayo futhi isike yabonakala inandisa naye emicimbini eyahlukene. Utshele leli phephandaba ukuthi uzimisele ngokuveza okuyiqiniso ngaye ukuze abantu bamazi ngokugcwele. “Ngikulindele ukuthi njengomuntu we-gospel, bakhona abazobona ithuba lokugxeka impilo engiyiphilayo kodwa lokho akusho ukuthi ngizoveza okungamanga ngami,” kusho yena. UThinah ungomunye wabaculi be-gospel abangaconsi kulolu hlobo lomculo njengoba eseke wahlabana ngenqwaba yezindondo zaseNingizimu Afrika nangaphandle. 

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...