Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Izonekelwa izwe impilo kaThinah Zungu

Izonekelwa izwe impilo kaThinah Zungu

by | 13 December 2024

LUCKY CAIN

KUZONEKELWA umphakathi okwenzeka ngaphakathi esitezi somculi we-gospel, uThinah Zungu njengoba esezoba nohlelo lomndeni wakhe esiteshini sikamabonakude, uMzansi Magic. 

UThinah – owaziwayo ngokuchoma ngomuzi wakhe oyisitezi ezinkundleni zokuxhumana – uzoveza impilo yakhe kulolu hlelo oluthi “Thinah SingoZungu”, oluzoqala ukukhonjiswa mhla ka-16 February 2025. 

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uThinah,uthe yiso lesi siteshi esixhumane naye ngenhloso yokuthi anekele izwe impilo yakhe ngaphandle kokuba ngumculi, aveze konke ngaye. Uthe ngenxa yokuthi kuningi abantu abangakwazi ngaye, ubone kuyithuba elihle leli lokuba bangagcini ngokumazi njengoThinah ongomculi kuphela, kodwa bazi ngempilo yakhe ngaphandle kwawo. 

“Ngaphandle kokuba ngumculi, ngingumyeni kumkami nobaba ezinganeni zami, kanti muva nje ngisanda kuvula nebandla. Zonke lezi zinhlangothi zempilo yami abantu bazozibona, futhi babone nakho konke okwenzeka ngaphakathi esitezi,” esho. UThinah unendodana engenisa mawala emculweni, uNdumiso, esinezingoma zayo futhi isike yabonakala inandisa naye emicimbini eyahlukene. Utshele leli phephandaba ukuthi uzimisele ngokuveza okuyiqiniso ngaye ukuze abantu bamazi ngokugcwele. “Ngikulindele ukuthi njengomuntu we-gospel, bakhona abazobona ithuba lokugxeka impilo engiyiphilayo kodwa lokho akusho ukuthi ngizoveza okungamanga ngami,” kusho yena. UThinah ungomunye wabaculi be-gospel abangaconsi kulolu hlobo lomculo njengoba eseke wahlabana ngenqwaba yezindondo zaseNingizimu Afrika nangaphandle. 

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...