Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Uzabalazile emculweni ohlukanise unyaka kwiGagasi FM

Uzabalazile emculweni ohlukanise unyaka kwiGagasi FM

by | 4 January 2025

UZABALAZILE ezama izinhlobo ezahlukene zomculo uBlaq Major wodumo lwengoma iS’dakiwe Sbali ehlukanise unyaka emsakazweni ozimele KwaZulu Natal iGagasi FM.

UBlaq Major ogama lakhe langempela uThami Mpanza uswele amazwi ngesikhathi lo msakazi umenzele umcimbi wokumhalalisela ngokuhlukanisa unyaka kuwona ePlatinum Lounge eMhlanga ngoLwesihlanu.

Ekhuluma neLANGA uthe alukho uhlobo lomculo angaluzamanga ngenhloso yokuthi aphumelele emculweni.

“Akubanga indlela elula ukuzama ukwakha igama kulo mkhakha njengoba bekunzima kodwa ngokubekezelela nangokuzinika ithemba ngikwazi ukuthi ngigcine ngisitholile isigqi esihambisana nami,” kusho yena eveza ukuthi uhlangana nenkakha efana noMaster KG yikhona okushintshe okuningi emculweni wakhe.

Usebenze kakhulu nalo mculi edidiyela nezinye zezingoma zikaMaster KG nabanye abesebenza nabo.

Ubonge kakhulu uzakwabo ampike kule ngoma ehlukanise unyaka uBless athe udlale indima emqoka ukwenza le ngoma ibe yimpumelelo njengoba kunguyena oculayo kuyona. UBlaq Major kusukela manje akusekho ukubheka emuva njengoba enethemba ukuthi impumelelo yale ngoma isizomvulela neminye iminyango.

“Kwesinye isikhathi sike sizitshele ukuthi sivalelwa ngaphandle ngabathile kanti isikhathi sisuke singakashayi.

Lokho ngikufundile njengoba ngisemculweni,” kusho yena.

Isikhulu seGagasi FM uMinenhle Dlamini umhalaliselile lo mculi wabe esekhuthaza nabanye abaculi ukuthi baqhubeke nokuthumela umculo wabo kwiGagasi njengoba likhona ikomidi elilalelayo ukuze ingoma ikwazi ukudlalwa kulo msakazo.

Uthe kuseqhulwini kubona njengomsakazo ukuqhambisa ithalente ikakhulukazi elesifundazwe njengoba nesiqubulo sabo sicacile ukuthi The Sound Of KZN.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...