Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho 9 Ithala liqinisekisa ukuphepha kwemali

Ithala liqinisekisa ukuphepha kwemali

by | 15 May 2025

ISIKHULU esiphezulu seThala SOC Limited, uDkt Thulani Vilakazi, uthembisa amakhasimende ebhange Ithala ukuthi imali yawo isavikelekile eThala. “…ikhona, asikaze siyenze lutho. Ihleli,” kusho uDkt Vilazi.


Uqhube wathembisa ukuthi bazama ngayo yonke indlela ukulungisa izinkinga ezikhona eThala.
Nakuba besazama ukulungisa izinkinga, uthi kodwa amakhasimende angaqhubeka avakashela emagatsheni eThala, ayothola ulwazi oluqondene nomshwalense ngoba amasevisi ezomshwalense ayatholakala.


Ubalule ukuthi “into esingakwazi ukuyenza wukukhipha imali yenu kuma-akhawuntu”.
UDkt Vilakazi ubekhuluma ngoLwesithathu esithangamini sabezindaba eThekwini, lapho ebehambisana noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, kanye noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha, nezoKongiwa kweMvelo KwaZulu-Natal, uMfu Musa Zondi.


Kulesi sithangami uNtuli uphawule ngemizamo yabo eqhubekayo yokuhlenga ibhange Ithala, elibhekene nezingqinamba ezinzima ezichaphazela namakhasimende.
“Siwuhulumeni wesifundazwe asihlehli, sizoyilwa impi size sinqobe ngoba Ithala ngelabantu baKwaZulu-Natal, futhi liyithemba losomabhizinisi abancane, ikakhulukazi basemakhaya nasemalokishini,” kusho uNtuli.


Uqhube wathi Ithala liyithemba labantu abahlwempu, abalibona lingashintsha impilo yabo.
Ubalule ukuthi kusemqoka ukubambisana empini yokulwela Ithala ukuze livikelwe.
“Nginxenxa wonke umuntu ukuba abambisane nathi kule mpi, kuvikelwe Ithala,” kusho uNtuli. Uqhube wathi Ithala kumele livikelwe, lingahlakazwa.


Lesi sithangami sabezindaba silandela isinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu sangeSonto eledlule, sokuba Ithala liqhubeke nokwenza umsebenzi walo wansuku zonke, obusuwele ngendlela engafanele ezandleni zomlawuli obekwe yiPrudential Authority (PA), uMnu Johan Kruger. Nokho uMnu Kruger nePrudential Authority basiphonsela inselelo lesi sinqumo.


UNtuli unxenxe omasipala kanye neminyango kahulumeni esifundazweni ukuba bakhombise ukweseka kwabo Ithala ngokuthi bavule ama-akhawunti kuleli bhange uma isinqontshiwe empini eqhubekayo yokulihlenga.
Unxenxe namaqembu epolitiki ehlukene, nayo alwela ukuvikelwa kweThala ukuba akhombise ukweseka kwawo Ithala ngokuvula ama-akhawunti eThala uma kwedlula lo mdonsiswano okhona njengamanje.
UDkt Vilakazi uthe basaqhubeka nezinhlelo zokuthola ilayisensi yokuqhubeka nokusebenza njengebhange eligcwele njengoba imvume yesikhashana Ithala elalisebenza ngayo yaphelelwa yisikhathi, iSARB yangayiviselela. Ngokusho kwakhe uDkt Vilakazi, sebewuphothulile umthamo omkhulu womsebenzi okumele bawenze ukuze bezothola le mvume yokusebenza njengebhange.
Njengamanje kusalindeleke ukuba yona iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ilalele isicelo sePrudential Authority, efuna ukuba kugunyazwe ukuvalwa kwebhange Ithala ngoba ithi lisenkingeni yemali.
Ithala nohulumeni wesifundazwe bayakuchitha ukuthi Ithala lisenkingeni yemali, bathi okwenziwa yiPrudential Authority kuyimizamo nje yokuliwisa Ithala ngoba kukhona abangalifuni.
Kuke kwanemibiko elipenda kabi Ithala ngokuthi kukhona abazicebisa ngalo.
UDkt Vilakazi ugcizelele ukuthi Ithala alilona “ibhanoyi” (ponzi scheme) – yonke imali ebifakwa ngabantu kulo kuze kube ngumhla ka-15 December 2023 layemukela ngokusemthethweni.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...