Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kayisalanga ngaphandle eyeThala emqubhweni we-IFP

Kayisalanga ngaphandle eyeThala emqubhweni we-IFP

by | 23 March 2025

NGUMNU Thami Ntuli onguSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal.

AYISALANGA ngaphandle indaba yebhange Ithala, elisengcupheni yokuvalwa, ezinkulumwweni ezethulwe emgubhweni weminyaka engu-50 kwasungulwa i-IFP.

USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ekhuluma kulo mcimbi owenzelwe enkundleni yemidlalo iPrince Mangosuthu Buthelezi, oLundi, uthe: “Siyalwa ngazo zonke izindlela ukuze ibhange Ithala lizoqhubeka.
Sithi Ithala aliyindawo.”

UNtuli ophinde abe nguNdunankulu wesifundazwe uthi kukhona abanezinhloso zabo Ithala, wathi kodwa ngeke baphumelele.

IPrudential Authority, okuwuphiko olwengamele ukusebenza kwamabhange eNingizimu Afrika, olungaphansi kweSouth African Reserve Bank, ifake isicelo enkantolo ifuna ukuba inkantolo igunyaze ukuvalwa kweThala ngoba ithi linezinkinga zemali, okuyinkinga ebeka amakhasimende alo engcupheni.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...