Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kayisalanga ngaphandle eyeThala emqubhweni we-IFP

Kayisalanga ngaphandle eyeThala emqubhweni we-IFP

by | 23 March 2025

NGUMNU Thami Ntuli onguSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal.

AYISALANGA ngaphandle indaba yebhange Ithala, elisengcupheni yokuvalwa, ezinkulumwweni ezethulwe emgubhweni weminyaka engu-50 kwasungulwa i-IFP.

USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ekhuluma kulo mcimbi owenzelwe enkundleni yemidlalo iPrince Mangosuthu Buthelezi, oLundi, uthe: “Siyalwa ngazo zonke izindlela ukuze ibhange Ithala lizoqhubeka.
Sithi Ithala aliyindawo.”

UNtuli ophinde abe nguNdunankulu wesifundazwe uthi kukhona abanezinhloso zabo Ithala, wathi kodwa ngeke baphumelele.

IPrudential Authority, okuwuphiko olwengamele ukusebenza kwamabhange eNingizimu Afrika, olungaphansi kweSouth African Reserve Bank, ifake isicelo enkantolo ifuna ukuba inkantolo igunyaze ukuvalwa kweThala ngoba ithi linezinkinga zemali, okuyinkinga ebeka amakhasimende alo engcupheni.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...