Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezempilo 9 Konke okumele ukwazi ngokuzihlanza umzimba

Konke okumele ukwazi ngokuzihlanza umzimba

by | 14 January 2025

ISAZI sezokudla sithi kasikho nesincane isidingo sokuba abantu bazikhathaze ngokukhuculula umzimba okwaziwa nge-detoxing ngoba uyakwazi ukuzikhuculula wona.


Kuyinto ejwayelekile ukuthi uma kuqala unyaka abantu bakhuculule umzimba ngenxa yokuthi basu kade bezitika ngezibiliboco ngamaholide kaDisemba.Sixoxisane noNompumelelo Gumede osebenzela eDr TN Nakin Medical, eMpumalanga, eHammarsdale, naseHibiscus Hosptital, eCator Ridge, mayelana ne-detoxing.


“Igama elithi “detox” lichaza ukuhlanjwa/ukuhlanjululwa komzimba ngendlela yokuthi kuphume konke lokhu okusuke kungadingeki emzimbeni umuntu asuke ekudle engazi noma enganakile. Kudala abantu babegabha (ukuphalaza) ukuze bakhiphe lokho okusuke kungadingeki emzimbeni. Ubungozi bokuphalaza wukuthi kubuya i-acid le esuke isesiswini iyoshisa umphimbo wakho, lokho okungakubangela isilungulela,” echaza.


Uthi kasikho isidingo sokudla noma sokuphuza okuthile ukuze kuhlanzeke umzimba.
“Umzimba ngokwemvelo uyakwazi ukuzihlanza wona ngokwawo. Isibindi yisitho somzimba esibhekele ukuhlanza lokho okusuke kungadingeki esisuke sikudlile noma sikuphuzile njengamaphilisi, utshwala nokudla okungenampilo (junk food), nemithi yesintu ngenxa yokuthi eminye yayo inamandla angabulala izinso),” kuchaza yena.

Ukuze uqinisekise ukuthi umzimba wakho uyakwazi ukuzikhuculula wona ngokwawo, ngokwemvelo kumele unakekele isibindi sakho.

UNompumelelo usinika izindlela ezihamba phambili zokunakekela isibindi. Ezinye zazo yilezi:

  • Ukugwema uphuzo oludakayo/utshwala. Buyingozi emzimbeni, kumele ubugweme noma uphuze kancane. Uma usuphuze utshwala isibindi kumele kube yiso esibukhucululayo emzimbeni. Uma uphuza njalo kusho ukuthi isibindi sakho sisebenza ngokweqile ukubukhipha emzimbeni, bese siba sincane isikhathi sokukhipha okunye okungalungile emzimbeni. Ngaphezu kwalokho isibindi siyalimala uma uphuza ngokweqile.
  • Ukugwema izidakamizwa
  • Ukudla izithelo
  • Ukupha umzimba ukudla okunokolweni (fiber)
  • Gwema ukudla okunamafutha
  • Ukuzivocavoca
  • Ukugcina isisindo sakho somzimba ezingeni elifanele (maintain wight).

“Leli gama elithi ‘detox’ lisetshenziswa ngabantu abaningi ekuqaleni konyaka yize noma besuke befisa ukuzuza imiphumela engafani. Abanye bakhuculula umzimba ngoba befisa ukuncipha; abanye yingoba benokugula okwehlukahlukene befisa ukuphila; kanti abanye yingoba besuke bebona kuyinto esematheni eyenziwa yiwona wonke umuntu ezinkundleni zokuxhumana,” kuqhuba yena.

Ezinye izindlela ezisetshenziswa ngabantu ukuhlanza umzimba kubalwa kuzo:

  • Ukugwema ukudla okuthile, uphuze iziphuzo ezifana ne-vegetable juice
  • Ukugwema ukudla izinhlobonhlobo zokudla, udle uhlobo olulodwa lokudla njengamaveji noma izithelo kuphela
  • Ukudla isobho leklabishi lodwa (abbage soup diet)
  • Ukudla amaqanda wodwa (egg diet)
  • Fasting (ukugwema ukudla, udle ngezikhathi ezithile)

Konke lokhu asikho isidingo sakho ngoba umzimba uyakwazi ukukhipha lokho okungadingeki emzimbeni ngokwemvelo.
“Okumele sikuqikekele ukudla ngendlela efanele enempilo ukuze sinakekele isibindi okuyisona ezibhekelela ukukhuculula imizimba yethu.”

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...