
UGONYULUKE wavuma amacala owesifazane waseMlazi owabulala ingane eneminyaka emihlanu ngoba exabene nonina. USibongile Happines Ngwadla (40) uvume icala lokuthumba, elokufuna imali ngenkani nelokubulala uNtobeko Xaba oyingane kamakhelwane wakhe owaziwa ngelikaNkz Ntombifuthi Xaba.
UNgwadla uzivumele yena phambi kwenkantolo ukuthi wawenza lawa macala ngoba ecasulwa ukuthi unina kamufi wamujwayeza ukugembula maqede wangafuna ukumsiza esecwile ezikweletini. Lesi sigameko senzeka zingu-22 ku-August ngonyaka odlule kanti isidumbu sikamufi size satholakala emfuleni sesonakele emuva kwezinsuku ezinhlanu enyamalele.
Ngesikhathi ummeli wakhe uNkz Zeera Fareed efunda ingonyuluka yakhe enkantolo, uNgwadla ubelokhu ebheke phansi echiphiza izinyembezi. Evuma icala uthe wathatha umufi ngaphandle kwemvume yakhe, waya naye emijondolo yaseZimeleni, khona eMlazi, esihlotsheni. Ntambama ngalolu suku, uthi wabe esethumela umqhafazo kunina wengane efuna imali ewu-R60000 ukuze ezomubuyisela ingane yakhe. Uthi wakwenza lokhu ezifihlile.
Uthe inhloso yakhe ngalokhu kwakuwukuthola imali ukuze ezokwazi ukukhokhela izikweletu ayenazo ezazidalwe yinkinga yakhe yokugembula. Uthi wayekade emcasukele nonina wengane ngoba nguyena owamejwayeza ukugembula kodwa engasafuni ukumsiza uma esesenkingeni yezikweletu ngakho.
Eqhuba, uthi ngakusasa zingu-22 kuwona u-August, wabona ukuthi icebo lakhe lokuthola imali kalisebenzi, kanti umphakathi namaphoyisa babefuna ingane, nesithombe sayo sesigcwele ezinkundleni zokuxhumana, wabona ukuthi kuzomele ayibulale ukuze engeke abanjwe. Uthi wabe esethatha ingane waya nayo esigangeni ngaseSiphingo, lapho afike wayiklinya khona.
“Yakhala kakhulu ngesikhathi ngiyiklinya, ngabe sengiyiyeka. Ngabe sengicabanga ukuthi okungcono kuyiminzise emfuleni osesigcemeni sakwa-Q eMlazi,” kusho yena.
Uqhube wathi ingane wabe eseyithatha waya nayo ebhulohweni elihamba abantu wayiphosa emfuleni ingane. Uveze ukuthi wabe esebaleka eMlazi, wathinta isihlobo sakhe abecashe kusona, wasitshela ukuthi ingane useyibuyisele kunina. Uthi wasitshela isihlobo ukuthi uzwe ukuthi unina wengane useyiphonse emfuleni.
Lokhu uthi wakusho ngoba efuna ukudukisa umkhondo. Icala libe selihlehliselwa uLwesine lapho kulindeleke ukuba athole isigwebo.







