Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ubuyela enkantolo ngenyanga ezayo ‘owabulala izithandani kubangwa u-R300’

Ubuyela enkantolo ngenyanga ezayo ‘owabulala izithandani kubangwa u-R300’

by | 16 September 2025

KUZOCACA ngenyanga ezayo ngokuqala kokuqulwa kwecala lowesilisa osolwa ngokudubula abula le izithandani, ezisola ngokweba u-R300 wakhe.

UMnu Phiwayinhlanhla Nzama (45), uvele eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesine, icala lakhe lahlehliselwa umhla ka-9 kuMfumfu (October) kulo nyaka. Yilapho kuzophuma khona isinqumo sokuthi icala lizoqulwa nini. 

UNzama ubhekene namacala amabili okubulala uNkz Phindile Nicole Khubone nesinqandamathe sakhe, uMnu Ntobeko Eugene Mhlungu, esigamekweni esenzeka mhla ka-15 kuMbasa (April) wonyaka odlule. Lesi sigameko senzeka emqashweni walezi zithandani, eNazereth, ePinetown.

Kubikwa ukuthi uNzama wadubula uNkz Khubone enengane yakhe eneminyaka emibili, neyahlala nezidumbu ubusuku bonke, incela kunina owayeseshonile. Ngokwamaphepha asenkantolo, uNzama wayesebenza engumshayeli wemoto yezinkwa, ehlala khona eNazereth, azana nabafi. 

Kubikwa ukuthi ngomhla ka-12 kuMfumfu, uNkz Khubone waya endlini kaNzama eyoboleka imali, bachitha isikhathi esimnandi ndawonye, kodwa wagcina engamnikeza imali ayeyoyiboleka. Kuthiwa ngosuku olulandelayo uNzama waqaphela ukuthi kune-mali engasekho, wasola uNkz Khubone nomngani wakhe, owaziwa ngoLondy.

Kuthiwa ngomhla ka-14 kuwo uMfumfu, uNzama wahloma ngesibhamu sakhe esisemthethweni, waqonda emqashweni kaNkz Khubone ezintathakusa. Wabe eseqonda egunjini lokulala likaNkz Khubone, wamfica elele nengane yakhe esencane, maqede wamdubula kanye ekhanda washonela khona lapho.

Kuvela ukuthi kuthe esephuma endlini, wahlangana noMnu Mhlungu eyongena endlini, naye wamdubula amahlandla amabili washonela khona lapho. Kubikwa ukuthi uNzama wabe esebaleka wayofihla isibhamu sakhe ngokusimbela esibayeni sezinkomo kubo eKranskop. 

Ngesikhathi kufika omakhelwane beyobona okwenzekile, ingane yatholwa incela kunina, eseshonile. NgoLwesine, ummeli kaMnu Nzama ucele ukuba anikezwe isikhathi esingangenyanga ngoba bafuna ukuthola uchwepheshe wabo, osebenza ngokuhlonza izibhamu. 

Umshushini uKhrishan Shah, ukhale ngokuthi naphambilini ngesikhathi leli cala liphambi kwenkantolo, ummeli kaNzama wacela okufanayo. Icala libe selihlehliselwa umhla ka-9 ngenyanga ezayo, inkantolo yabe isikhipha umyalelo wokuba uma uchwepheshe engatholakali, izoqhubeka ikhiphe usuku lokuqala kokuqulwa kwecala.

skhom@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...