Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Bazoklonyeliswa ngendlela ehlukile abaqokwe kumaSama

Bazoklonyeliswa ngendlela ehlukile abaqokwe kumaSama

by | 11 November 2025

UKUGQOZA kwabaxhasi bomcimbi waminyaka yonke wokuklomelisa abasemkhakheni womculo weSouth African Music Awards (Sama), sekuphoqe ukuthi ubhuntshe owalo nyaka, kodwa kube nohlelo lokumeme-zela abaqokiwe ngobuchwepeshe besimanje (hybrid) ngomhla ka-14 kuZibandlela (December) nonyaka.

Lo mcimbi ovamise ukuba ngasekuqaleni konyaka, ugcine ungenzekanga njengoba sekunesikhathi kwamenyezelwa abaqokiwe kulo nyaka. Sekunesikhathi lo mcimbi uhlangabezana nezingqinamba njengoba eminyakeni emibili edlule, kwaphoqeleka ukuba uhulumeni waKwaZulu-Natal uhoxise uxhaso lwawo, sekumenyezeliwe ukuthi uzowuxhasa.

Lo mcimbi wagcina ungaxhaswanga wuhulumeni, njengoba amaqembu aphikisayo akhala ngesamba esikhulu semali lo hulumeni owawuzimisele ukuwuxhasa ngaso. Kulo nyaka iqhubekile inkinga yokugqoza kwabaxhasi, njengoba umthombo waleli phephandaba ongaphakathi kubahleli balo mcimbi, uthe bese kunesikhathi kubanjwa kuyekwa, bezama abaxhasi, kodwa zingabi bikho izivumelwano.

“Yenziwe imizamo yokunxenxa abaxhasi, kodwa kakuphumeleli, nezinkampani ezizimisele ngokungena, ezinye zigcina zithembisa ngomlomo, kodwa zehluleke ukwenza isivumelwano,” usho.

Omunye umculi oseke wazinqoba amahlandla izindondo zalo mcimbi phambilini, ukhale ngokuphelelwa yisikhathi kwalo mcimbi.

“Empeleni imicimbi yokuklomelisa isidlulelwe yisikhathi, sekumele kube nezinye izindlela zokwenza. Ngibuye ngisole nabo abahleli bale micimbi ngokungabi nalo iqiniso, kwesinye isikhathi ngabaqokiwe nabanqobile. Abantu bayanengeka uma ukwenzelela sekuhlala obala,” kusho lo mculi, othi akasenandaba nemicimbi yokuklomelisa yakuleli, usengajabulela ukunqoba kweyangaphandle.

Okhulumela amaSama, u-Unati Gwija, uthe ukuklomelisa ngalolu hlobo, kusho ukushintsha kwendlela yokwenza nokuhambisana nesikhathi samanje. Umcimbi usaqhubeka nabaxhasi okubalwa iMotsepe Foundation, uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko nezokuNgcebeleka eGauteng kanjalo nokazwelonke, iSouth African Music Performance Rights Association (SAMPRA), iSouth African Music Rights Organisation (SAMRO), iComposers, i-Authors and Publishers Association (CAPASSO), iYouTube neSABC.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...