Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Bazoklonyeliswa ngendlela ehlukile abaqokwe kumaSama

Bazoklonyeliswa ngendlela ehlukile abaqokwe kumaSama

by | 11 November 2025

UKUGQOZA kwabaxhasi bomcimbi waminyaka yonke wokuklomelisa abasemkhakheni womculo weSouth African Music Awards (Sama), sekuphoqe ukuthi ubhuntshe owalo nyaka, kodwa kube nohlelo lokumeme-zela abaqokiwe ngobuchwepeshe besimanje (hybrid) ngomhla ka-14 kuZibandlela (December) nonyaka.

Lo mcimbi ovamise ukuba ngasekuqaleni konyaka, ugcine ungenzekanga njengoba sekunesikhathi kwamenyezelwa abaqokiwe kulo nyaka. Sekunesikhathi lo mcimbi uhlangabezana nezingqinamba njengoba eminyakeni emibili edlule, kwaphoqeleka ukuba uhulumeni waKwaZulu-Natal uhoxise uxhaso lwawo, sekumenyezeliwe ukuthi uzowuxhasa.

Lo mcimbi wagcina ungaxhaswanga wuhulumeni, njengoba amaqembu aphikisayo akhala ngesamba esikhulu semali lo hulumeni owawuzimisele ukuwuxhasa ngaso. Kulo nyaka iqhubekile inkinga yokugqoza kwabaxhasi, njengoba umthombo waleli phephandaba ongaphakathi kubahleli balo mcimbi, uthe bese kunesikhathi kubanjwa kuyekwa, bezama abaxhasi, kodwa zingabi bikho izivumelwano.

“Yenziwe imizamo yokunxenxa abaxhasi, kodwa kakuphumeleli, nezinkampani ezizimisele ngokungena, ezinye zigcina zithembisa ngomlomo, kodwa zehluleke ukwenza isivumelwano,” usho.

Omunye umculi oseke wazinqoba amahlandla izindondo zalo mcimbi phambilini, ukhale ngokuphelelwa yisikhathi kwalo mcimbi.

“Empeleni imicimbi yokuklomelisa isidlulelwe yisikhathi, sekumele kube nezinye izindlela zokwenza. Ngibuye ngisole nabo abahleli bale micimbi ngokungabi nalo iqiniso, kwesinye isikhathi ngabaqokiwe nabanqobile. Abantu bayanengeka uma ukwenzelela sekuhlala obala,” kusho lo mculi, othi akasenandaba nemicimbi yokuklomelisa yakuleli, usengajabulela ukunqoba kweyangaphandle.

Okhulumela amaSama, u-Unati Gwija, uthe ukuklomelisa ngalolu hlobo, kusho ukushintsha kwendlela yokwenza nokuhambisana nesikhathi samanje. Umcimbi usaqhubeka nabaxhasi okubalwa iMotsepe Foundation, uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko nezokuNgcebeleka eGauteng kanjalo nokazwelonke, iSouth African Music Performance Rights Association (SAMPRA), iSouth African Music Rights Organisation (SAMRO), iComposers, i-Authors and Publishers Association (CAPASSO), iYouTube neSABC.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...