Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo Featured 9 Konke sekumi ngomumo ngomjaho waseZululand

Konke sekumi ngomumo ngomjaho waseZululand

by | 15 April 2026

UMASIPALA wesiFunda iZululand uthi konke sekumi ngomumo ngeZululand District Maratho ezokuba ngoMgqibelo isukela ePrince Mangusuthu Airport, oLundi, isongwe eBhekuzulu High School, KwaNongoma.

Lo mjaho ophethe isamba sika-R100 000 ukhuza ibuya kulo nyaka kulandela ukuphazamiseka kwawo njengoba ugcine ukugijinywa ngo-2019. Izindaba zokubuya kwalo mjaho ziqinisekiswe wumasipala wesifunda ongabaxhasi bawo usebenzisana neSiyathuthuka Athletics Club neNongoma AC.

Abahleli bawo bakuqinisekisile ukuthi uyaqhubeka ngemuva kokuba nongabazane ngemuva kokube wethuliwe kwase kuyathula. UCeli Makhoba ongomunye wabahleli uthe: “Izinto zihamba kahle kakhulu. Nezinamba zabasubathi abawungenelayo ziyenyuka. Sizovala ngoLwesithathu ebusuku ukubhalisa online.

“Iminenelo sizophinde siyamukele ngoMgqibelo kusuka ngo-10 ekuseni kuze kube wu-9 ebusuku lapho usukela khona esikhumulweni sezindiza. Lo mjaho muhle kulabo abaya kwiComrades Marathon.

“Nginethemba lokuthi sizokwenyuka kakhulu isibalo ngoMgqibelo ngoba abanye abasubathi baye benze izinto ngosuku lo mjaho, sebazi ukuthi ngeke baphazanyiswe yilutho.”

Lo mjaho uzokube uhambisana ne-10km nayo ezokuba ngeSonto ijikeleza KwaNongoma. ILANGA lithole ukuthi lo mjaho uzokube ungenelwe ngabasubathi abanohlonze. Phakathi kwabo kukhona uFikile Mbuthuma, uSkhumbuzo Mpanza, uSiyabonga Mafuleka, uBrian Ontieri, uJadi Davy, UTsepang Makhethi, uThobani Chagwe nabanye.

Izingqwele ze-52km zizohlomula ngo-R100 000, 2.R50 000, 3.R25 000, kwehle njalo kuze kufike kunombolo 10 ozogoduka no-R3000. Izingqwele ze-21km zibekelwe isamba sika-R5000, isibili kube wu-R4000 nakhona kuze kufike koweshumi ozothola u-R500.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...