Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 UGerda uzosebenzisa iJoburg 10km ukuzicijela iCape Town Marathon

UGerda uzosebenzisa iJoburg 10km ukuzicijela iCape Town Marathon

by | 11 September 2025

INGQWELE yeComrades Marathon uGerda Steyn izosebenzisa iHollywoodbets Joburg 10km ezokuba ngoMgqibelo eWanderers Stadium eGoli ukuzilungiselela iSanlam Cape Town Marathon.

Lo mjaho ohlelwe yiHollywood Athletics Club ngowesibili nonyaka kanti ungenelwe ngabasubathi abawu-8000. Umjaho wanyakenye ubungenelwe ngabasubathi abawu-6000.

UBrett Goodwin weHollywood AC uthe bajabule kakhulu ngokunyuka kwesibalo sabasubathi abayingxenye yalo mjaho ophethe isamba sika-R37 500 kwizingqwele. Uthi yize abasubathi abaningi abayingxenye yalo mjaho bekhale ngobunzima bomzila, kodwa balindele izikhathi ezinhle. Le kilabhu yiyona enabasubathi abaningi kuleli njengoba uGoodwin ethe isibalo sabasubathi bale kilabhu simi ku-3700 nonyaka.

UGoodwin ubekhuluma kwisithangami sabezindaba ngoLwesine ekuseni eWanderers lapho bekukhona uGerda osubathela ikilabhu yabo.

“Ngijabule kakhulu ukuba yingxenye yeHollywood AC. Ngizokube ngiqala nonyaka ukugijima lo mjaho ngigqoke imifaniswano yeHollywood AC. Okukhulu engikuzele kulo mjaho wukuzozilungiselela iSanlam Cape Town Marathon ezokuba ngenyanga ezayo.

“Lo mjaho wangoMgqibelo unzima njengoba unezintaba ezixakile engicabanga ukuthi zizongisiza ukumelana nobunzima beCape Town, ngoba nayo inokwayo ubunzima,” kusho uGerda.

Lo msubathi uya kulo mjaho unesikhathi esiwu-2:24:03 kwiMarathon asenze kwiValencia ngo-2023. Lesi sikhathi bekuyirekhodi lakuleli leMarathon eliphulwe nguGlenrose Xaba kwiCape Town nyakenye ebeka u-2:22.

“Kangiyele irekhodi eCape Town. Ngiyogijima umjaho wami. Lo mjaho (Cape Town) unezintokazi eziningi engizihloniphayo,” kusho uGerda.

Lo msubathi nonyaka unqobe iTwo Oceans noComrades ngokwehlukana kanti ubhekwe ngabomvu ukuba enze kahle eKapa.

Ezisematheni

UMbeki ukhwele mwadilika kwi-ANC kungwatshwa uMlambo-Ngcuka

UMbeki ukhwele mwadilika kwi-ANC kungwatshwa uMlambo-Ngcuka

OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnu Thabo Mbeki usebenzise ithuba ukugxeka i-African National Congress (ANC)  ekhala ngokwehla kwezibalo zabantu abayivotele njengoba bekuwukhetho loHulumeni baseKhaya. Ubethula inkulumo emngcwabeni kaDkt Phumzile Mlambo-Ngcuka ebiseXesi,...

UMashaba ugcine elithathile iGoli abelibanga noZille

UMashaba ugcine elithathile iGoli abelibanga noZille

UMBANGO womkhandlu waseGoli phakathi kukaNkk Hellen Zille weDemocratic Allience (DA) noMengameli we-Action SA, uMnu Herman Mashaba ugcine uphelile emva kokuwina koyedwa kulaba baholi. UMashaba ugcine ekwazile ukuphumelela ekubeni yimeya yaseGoli. Ngesikhathi bevotelwa...