Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 URulani Mokwena nezinsongo ezishubile kwiDowns

URulani Mokwena nezinsongo ezishubile kwiDowns

by | 13 February 2026


USONGELA iMamelodi Sundowns engabaqashi bakhe bakudala uRulani Mokwena ololonga iMC Alger yase-Algeria ebuye ngamandla emqhudelwaneni weCaf Champions League.
I-Alger izoshukana neSundowns emdlalweni obucayi wokugoqa u-group C kwiCaf Champions League ngoMgqibelo ngo-15h00 eLucas Masterpieces Moripe Stadium, e-Atteridgeville. EzikaMokwena zisefomini kulezi zinsuku njengoba zinqobe imidlalo emibili yazo ilandelana zabe sezihlala endaweni yesibili kwi-log yaleli qoqo. Zishovele iDowns kweyesithathu.
EzikaMokwena zidinga iphuzu nje kuphela ukuze zidlulele kuma-quarter final njengoba ne-Al-Hilal yaseSudan – okuyiyona eqhwakele kuleli qoqo – seyivele seyingenile esigabeni somkhumulajezi. UMokwena uthi kufanele izibambe ziqine iDowns njengoba isengcupheni yokuphuma kulo mqhudelwano.


“Kangizi nabadlali bami eNingizimu Afrika ukuze ngizobona abangani bami nezihlobo zami kodwa ngizela amaphuzu amathathu futhi sizobuya nawo. Lokhu kangikusho ngoba nakhu ngiyithatha kancane iSundowns, yingoba abadlali bami ngiyakholelwa kubona, indlela abenza ngayo uyabona nje ukuthi bayawudinga manje lo mqhudelwano.


“Yize izinto zivuna thina njengoba sidinga iphuzu nje kuphela kodwa bona bangithembisa ukuthi bawafuna ephelele. Okuhle wukuthi sesiyifunde kahle iSundowns, sayibona lapho ibuthuntu khona. Noma kanjani sizosebenza ngakho. Kangifuni ukwanda kakhulu ngengevu kodwa noma kanjani sizowunqoba lo mdlalo futhi lokho kangikungabazi,” esho.


Abalandeli beDowns bayamkhumbula uMokwena njengoba belibeka ngesihloko elokuthi le kilabhu yagcina ngesikhathi ilolongwa nguyena ukudlala ibhola elikhangayo njengoba yayingabhenywa emidlalweni yayo.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...