Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 URulani Mokwena nezinsongo ezishubile kwiDowns

URulani Mokwena nezinsongo ezishubile kwiDowns

by | 13 February 2026


USONGELA iMamelodi Sundowns engabaqashi bakhe bakudala uRulani Mokwena ololonga iMC Alger yase-Algeria ebuye ngamandla emqhudelwaneni weCaf Champions League.
I-Alger izoshukana neSundowns emdlalweni obucayi wokugoqa u-group C kwiCaf Champions League ngoMgqibelo ngo-15h00 eLucas Masterpieces Moripe Stadium, e-Atteridgeville. EzikaMokwena zisefomini kulezi zinsuku njengoba zinqobe imidlalo emibili yazo ilandelana zabe sezihlala endaweni yesibili kwi-log yaleli qoqo. Zishovele iDowns kweyesithathu.
EzikaMokwena zidinga iphuzu nje kuphela ukuze zidlulele kuma-quarter final njengoba ne-Al-Hilal yaseSudan – okuyiyona eqhwakele kuleli qoqo – seyivele seyingenile esigabeni somkhumulajezi. UMokwena uthi kufanele izibambe ziqine iDowns njengoba isengcupheni yokuphuma kulo mqhudelwano.


“Kangizi nabadlali bami eNingizimu Afrika ukuze ngizobona abangani bami nezihlobo zami kodwa ngizela amaphuzu amathathu futhi sizobuya nawo. Lokhu kangikusho ngoba nakhu ngiyithatha kancane iSundowns, yingoba abadlali bami ngiyakholelwa kubona, indlela abenza ngayo uyabona nje ukuthi bayawudinga manje lo mqhudelwano.


“Yize izinto zivuna thina njengoba sidinga iphuzu nje kuphela kodwa bona bangithembisa ukuthi bawafuna ephelele. Okuhle wukuthi sesiyifunde kahle iSundowns, sayibona lapho ibuthuntu khona. Noma kanjani sizosebenza ngakho. Kangifuni ukwanda kakhulu ngengevu kodwa noma kanjani sizowunqoba lo mdlalo futhi lokho kangikungabazi,” esho.


Abalandeli beDowns bayamkhumbula uMokwena njengoba belibeka ngesihloko elokuthi le kilabhu yagcina ngesikhathi ilolongwa nguyena ukudlala ibhola elikhangayo njengoba yayingabhenywa emidlalweni yayo.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...