
UGWETSHWE iminyaka emihlanu ebhadla ejele owesilisa waKwaZulu Natal olahlwe ngamacala okukokotela izithombe zabaholi bakuleli kube sangathi bazitika ngocansi.
Ngokubika kweTimesLive uScebi Nene ugwetshwe iNkantolo yesiFunda yaseMgungundlovu ngoLwesihlanu ngokukokotela izithombe zikaMengameli wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa, uMnu Bheki Cele owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa nezinye izikhulu zikahulumeni.
Kubikwa ukuthi uNene oneminyaka ewu-36 ubudala wathatha izithombe zalaba baholi wabe esedonsa ezinye zabanye bezitika ngocansi kwi-internet wazikokotela kwaba sengathi yilaba baholi abazitika ngocansi.
INkantolo imthole enecala ngemuva kokuzivumela ngaphansi kwesigaba somthetho 105A sokuvuma icala nokugwetshwa.
Ngokusho kwe-National Prosecuting Authority KwaZulu Natal lokhu kwenzeka phakathi kukaMandulo 2022 noMay 2023.
Okhulumela iNPA kulesi sifundazwe uNatasha Ramkisson-Kara uthe uNene wahlanganisa lezi zithombe ngenhloso yokwenza kube sengathi yalaba baholi abenza ucansi.
Uthe ngesikhathi uNene evuma leli cala uveze ukuthi wayeqashwe inkampani yakwa-Coca-Cola phakathi kweinyaka u-2018 no-2019 nokuyisikhathi lapho asola khona ukuthi kunabantu abamlandelayo.
“Uveze ukuthi waya esiteshini samaphoyisa ukuyobika ngalezi zinsolo, amaphoyisa amtshela ukuthi makaqhubeke nokuqaphela uma kukhona akubonayo aphinde abuyele kuwona,” kusho uNatasha.
Uqhube ngokuthi uNene utshele inkantolo ukuthi waqhubeka nokuthola ukuthi uyalandelwa waphinde walubika udaba lwakhe kwezinye iziteshi zamaphoyisa ezimbili kodwa wangaluthola usizo.
“UNene uphinde waveza nokuthi udaba lwakhe waludlulisela kwi-Independent Police Investigative Directorate noKlebe kodwa nakhona lapho wangaluthola usizo. Wabe esedlulela ehhovisi likaNgqongqoshe uCele nakhona lapho kwanhlanga zimuka nomoya,” esho.
UNatasha uthi kwaba yilapho ke uNene wakhetha ukukokotela lezi zithombe zalaba baholi. Uveze ukuthi ngemuva kokukokotela lezi zithombe wazivumela futhi nokuzisabalalisa.
“UNene utshele inkantolo ukuthi uyazisola ngesenzo sakhe futhi akaziboni ephinde enza icala elifanayo ngokuzayo,” kusho uNatasha ophethe ngokuxwayisa amalungu omphakathi ngokusebenzisa ezobuchwepheshe ngokuqaphela ngokungaba nomthelela ongabaholela ekutheni bagcine ngokubhadla ejele.







