
UCWANINGO lwe-Institut Public de Sondage d’Opinion Secteur (Ipsos) luveza ukuthi iMKP ingazidlela amahlanga uma kungathiwa kuyavotwa manje kuMkhandlu weTheku okhethweni loHulumeni baseKhaya.
Ngokwalolu cwaningi kuvela ukuthi iqembu elithandwa kakhulu eThekwini yiMKP okuthiwa ingahamba phambili ngo-43.3% ilandelwe yiDA ngo-30.2%, kube yi-ANC ngo-11.3%, yi-IFP ngo-6.4% bese kulandela i-EFF ngo-3.1%, yi-Action SA ngo-2.1%, yiFF+ ngo-1.4% bese kuba amanye amaqembu angena ku-2.1% esewonke.
Kwezinye izifundazwe njengaseGoli kuvela ukuthi i-ANC neDA isondelene ngokuthandwa ngabantu. Emva kokuvela kukaHellen Zille ukuthi ungenela esokuba yiMeya yeDA eGoli kwenze izibalo zaphakama kuyona kuleli dolobha. EGoli angu-75 amaqembu abanga ukuhola leli dolobha okhethweni oluzayo. IDA kuthiwa ithandwa kakhulu eTswane kanti ne-Action SA iyavela khona.
Ekurhuleni khona kulikhuni ukuhlukanisa ukuthi iliphi iqembu elithandwa kakhulu phakathi kwe-ANC neDA kanti ne-Action SA ibukeka izoyihlula iDA kule ndawo. IMKP iphinde ivele ukuthi ngelinye iqembu elingenza kahle khona.
Ngokhetho loHulumeni baseKhaya lwango-2021, i-ANC yathola u-42.02% eThekwini yalandelwa yiDA ngo-26.62% kwaba yi-EFF ngo-10.48%. Ngokwalolu cwaningo i-ANC ibihamba phambili kuMkhandlu weTheku kodwa manje sekuyiMKP. ITheku linamaqembu angu-69 abanga ukuliphatha.
ECape Town iDA isahamba phambili kanti ucwaningo lwe-Ipsos luveza ukuthi isengakwazi ukuthola u-50%. ENelson Mandela Bay khona kuvela umbango we-ANC neDA. Noma kunjalo kodwa i-ANC kubukeka isathandwa kakhulu khona ilandelwa yiDA.
EMangaung iDA ibukeka ingenhla kwe-ANC. EBuffalo City kugqama i-EFF ngo-27% kodwa i-ANC neDA iyavela khona. Ngokusebenza kukahulumeni woBumbano, kubukeka i-IFP, Action SA ne-EFF izosebenzisana kwaZulu-Natal, eMpumalanga naseGauteng.
Imiphumela yokhetho yalo nyaka ibukeka izoshintsha kakhulu uma iqhathaniswa neka-2021 eThekwini, eMgungundlovu naseGoli. Amaqembu abangayo eGoli angu-75, abe ngu-70 eTshwane, 67 eKurhuleni, abe ngu-69 eThekwini.
Kwimikhandlu okubhekeke ukuthi kuzosebenza uhulumeni wobumbano , ucwaningo luveza ukuthi kungaba yiGoli, iTshwane, Ekurhuleni naseThekwini.
tndlovu@ilanganews.co.za







