Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuboshwe abangaphezulu kuka-15 000 ngokwephula umthetho ngo-December eKZN

Kuboshwe abangaphezulu kuka-15 000 ngokwephula umthetho ngo-December eKZN

by | 6 January 2025

BABALELWA ngaphezulu kuka-15 000 abasolwa ababoshiwe ngesikhathi samaholidi kaDecember KwaZulu Natal. Lokhu kuvezwe yisitatimende samaphoyisa akulesi sifundazwe ngoMsombuluko.

Amaphoyisa aveze ukuthi ukusebenza kwawo ngaphansi kwezinhlelo ezahlukene zezokuphepha kuholele ekutheni kuboshwe abasolwa abawu-15 294 ngokwephula umthetho ngezindlela ezahlukene ngo-December 2024.

Okhulumela amaphoyisa akulesi sifundazwe uColonel Robert Netshiunda uthe abasolwa abawu-5158 baboshelwe ubugebengu, kwathi abawu-256 baboshelwa ukubulala, abawu-274 bona baboshelwa ukuzama ukubulala.

Uqhube ngokuthi kwababulewe kusetshenziswe izikhali eziyingoi okubalwa kuzo izibhamu nommese.

Uphinde waveza ukuthi kulezi zinhlelo zokuqapha ukuphepha zangoDecember amaphoyisa aphinde athola nezibhamu eziwu-359 nezinhlamvu eziwu-3 195 nemimmese ewu-769.

Uveze ukuthi babalelwa ku-296 baboshelwe amacala okudlwengula.

Uthe amacala okushaya ngenhloso yokulimaza iningi lawo enzeke ngenxa yophuzo oludakayo kuboswe abasolwa abawu-2525 njengoba abawu-264 beboshelwe amacala okugqekeza izindlu, nabawu-46 ababoshelwe ukuntshontsha imfuyo.

Abawu-1367 baboshelwe amacala athinta izidakamizwa kwathi abawu-1117 baboshelwa ukushayela bedle amanzi amponjwana, nabawu-304 ababoshelwe ukuphuza ezindaweni zomphakathi ezivulelekile.

Udalule ukuthi abawu-554 baboshelwe ukutholakala bedakiwe ezindaweni zomphakathi njengoba abawu-887 bona beboshelwe ukuthengisa utshwala ngokungemthetho.

Abawu-15 baboshelwe ukusabalalisa utshwala ngokunemthetho njengoba abawu-26 beboshowa ukukhiqiza utshwala obuwumbombayi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...