Ilanga News
Home 9 Featured 9 UGigaba noMchunu ‘bazothathelwa izinyathelo ngokuthunaza isithunzi se-ANC’

UGigaba noMchunu ‘bazothathelwa izinyathelo ngokuthunaza isithunzi se-ANC’

by | 19 August 2025

NGUNKK Mahlengi Bhengu-Motsiri okhulumela i-ANC.


KUBHEKWE ukuthi i-ANC ithathele izinyathelo uMnu Malusi Gigaba owayenguNgqongqoshe, noMnu Senzo Mchunu onguNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe, ngezinkulumo zabo esidlangaleni mayelana nekusasa leqembu labo.

Isinqumo sokuthathelwa izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe simenyezelwe ngoMsombuluko nguNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri okhulumela i-ANC. UNkk Bhengu-Motsiri uthe uGigaba noMchunu baphawule imizwa yabo ngaphandle komyalelo, futhi izinkulumo zabo zikhombise ukungalihloniphi iqembu.

Ekhuluma ngeledlule ngesikhathi kwembula itshe lesikhumbuzo seqhawe lomzabalo uNkk Nokuhamba Nyawo, uGigaba uthe isigungu esiphezulu se-ANC siyehluleka ukwenza umsebenzi waso, futhi abaholi baklwebhana bodwa, esikhundleni sokusebenzela izwe. Uveze nokuthi bekumele ihlehliswe iNational Convention ebingempelasonto, obekuhloswe ngayo ukwendlalela izingxoxo zikazwelonke (National Dialogue) ezimenyezelwe nguMengameli Cyril Ramaphosa.

UMchunu yena uthe i-ANC isengcupheni yokuqumbeka phansi nokulahlekelwa ngamandla okubusa okhethweni oluzayo uma ingazilungisi izinkinga zangaphakathi ngokushesha.

UNkk Bhengu-Motsiri uthe imibono yalaba bobabili kakuyona eyezinhlaka ezigunyaziwe ze-ANC futhi ilimaza isithunzi nokwethenjwa kweqembu.

“Lawa maqabane alimaza isithunzi nobumbano kwi-ANC, aveza iqembu njengelingahlangene, elinhlanhlathayo futhi eliwayo. Lezi zinkulumo zenza ntekenteke ukwethejwa kweqembu ngabantu.

“Kasihambisani nokuphawula kwabo futhi sikubona njengesinyathelo sosomathuba sokudiilela phansi isithunzi sikaKhongolose,” kusho isitatimende sikaNkk Bhengu-Motsiri

Leli qembu lithi uGigaba noMchunu baphule imigomo yalo elawula ezokuxhumana.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...