
AMAPHOYISA aseGoli abophe abawu-154 ngamacala ahlobene namamashi okuxosha abokufika abakuleli ngokungemthetho, abeqhubeka ezingxenyeni ezehlukene zeNingizimu Afrika. Lokhu kuvezwe nguMkhuzi wamaPhoyisa waseGoli, uLt-Gen Tommy Mthombeni (osesithombeni).
UMthombeni ubekhuluma esithangamini sabezindaba abesibize nondunankulu wakulesi sifundazwe uMnu Panyaza Lesufi, bezokwethula umbiko ngokwenzeke kulesi sifundazwe izolo. UMthombeni uthe ukuboshwa kwalaba kuhambe njengesexwayiso sabo.
“Sasivele sixwayisile ukuthi ozokwenza okuphambene nomthetho sizomthathela izinyathelo, abhekane nomthetho. Izolo kube njalo-ke kwabaphambane nawo njengoba sinalesi sibalo sababoshiwe,” esho.
ULesufi ushayele usebenza kwamaphoyisa ihlombe.
“Ukusebenza kwamaphoyisa nezinye izinhlaka zokuphepha kube kuhle kakhulu. Nokusebenzisa izinsiza zesimanje ezifana nama-drone kube wusizo njengoba sikwaze ukubopha abantu abangaka. Isimo esifana nalesi sayizolo sidinga ukuqashwa kakhulu, kodwa sikhumbule uthi nomphakathi awuphephile ngoba bakhona abasebenzisa ithuba ukuqhuba obunye ubugebengu,” esho.







