Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 I-EFF idiliza ikhansela layo kwesesekela-meya kumasipala we-IFP

I-EFF idiliza ikhansela layo kwesesekela-meya kumasipala we-IFP

by | 14 August 2025

LISENKINGENI ikhansela le-EFF kuMasipala waseMadlangeni (Utrecht), eMajuba, elikhethwe laba yiphini lemeya, njengoba iqembu lalo lithi malidilike kulesi sikhundla.

UMnu Mbongeni Khumalo ukhethelwe kulesi sikhundla ngenyanga edlule, kulo masipala ophethwe yi-IFP. I-EFF ithi kayimgunyazanga ukwamukela lesi sikhundla, yinto azihlelele yona ngasese namakhansela e-IFP.

UMnu Themba Msibi we-EFF, uthi bathole ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uKhumalo useyiphini lemeya eMadlangeni.

“Wephule imigomo yeqembu. Akekho umuntu owenza ngendlela yakhe lapha kwi-EFF. Iqembu kaliyona ingxenye yale nto uKhumalo ayenzile. Sesimbhalele incwadi, samyalela ukuba esule kulesi sikhundla, kodwa akafuni, usaqhubeka uhleli ehhovisi elabelwe iphini lemeya.

“Udaba lwakhe selwedluliselwe ekomkhulu le-EFF, okungagcina esethathelwe izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe,’ kusho uMsibi.

Kakuqali ngoKhumalo kwi-EFF ukuthi ikhansela lizithole selimonyulwa esikhundleni KwaZulu-Natal. Amakhansela aleli qembu kuMasipala waseMhlathuze, akhishwa ngesidlozana wubuholi, emuva kokwenqaba ukwesula ezikhundleni.

Kulobu buholi kwakukhona noSihlalo we-EFF esifundazweni, uMnu Mongezi Thwala.

Baqhinqa emahhovisi aseMlathuze ngoNdasa (March), bethi bafuna amakhansela e-IFP – okuyiyona elawula umasipala – axoshe ozakwabo be-EFF. Nawo la makhansela ayesolwa ngokungawulaleli umyalelo
wobuholi.

Ezisematheni

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...