Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 I-EFF idiliza ikhansela layo kwesesekela-meya kumasipala we-IFP

I-EFF idiliza ikhansela layo kwesesekela-meya kumasipala we-IFP

by | 14 August 2025

LISENKINGENI ikhansela le-EFF kuMasipala waseMadlangeni (Utrecht), eMajuba, elikhethwe laba yiphini lemeya, njengoba iqembu lalo lithi malidilike kulesi sikhundla.

UMnu Mbongeni Khumalo ukhethelwe kulesi sikhundla ngenyanga edlule, kulo masipala ophethwe yi-IFP. I-EFF ithi kayimgunyazanga ukwamukela lesi sikhundla, yinto azihlelele yona ngasese namakhansela e-IFP.

UMnu Themba Msibi we-EFF, uthi bathole ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uKhumalo useyiphini lemeya eMadlangeni.

“Wephule imigomo yeqembu. Akekho umuntu owenza ngendlela yakhe lapha kwi-EFF. Iqembu kaliyona ingxenye yale nto uKhumalo ayenzile. Sesimbhalele incwadi, samyalela ukuba esule kulesi sikhundla, kodwa akafuni, usaqhubeka uhleli ehhovisi elabelwe iphini lemeya.

“Udaba lwakhe selwedluliselwe ekomkhulu le-EFF, okungagcina esethathelwe izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe,’ kusho uMsibi.

Kakuqali ngoKhumalo kwi-EFF ukuthi ikhansela lizithole selimonyulwa esikhundleni KwaZulu-Natal. Amakhansela aleli qembu kuMasipala waseMhlathuze, akhishwa ngesidlozana wubuholi, emuva kokwenqaba ukwesula ezikhundleni.

Kulobu buholi kwakukhona noSihlalo we-EFF esifundazweni, uMnu Mongezi Thwala.

Baqhinqa emahhovisi aseMlathuze ngoNdasa (March), bethi bafuna amakhansela e-IFP – okuyiyona elawula umasipala – axoshe ozakwabo be-EFF. Nawo la makhansela ayesolwa ngokungawulaleli umyalelo
wobuholi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...